UMusa Jali ucela abahleli bemicimbi bamuqashe

UMusa Jali(26) odabuka eHarding phansi esigodini saseNyandeni kodwa otholakala eThekwini, eShappastown ngokokuhlala ungene endimeni yomculo kaMaskandi ngonyaka ka-2014 ngaphansi kweqembu elibizwa nge-Ezendlamhlathi kwathi ngonyaka ka-2016 usuphela wasungula iqembu elibizwa iKhubalo lombango.

“Ngo2017 ngikhiphe umsebenzi wami wokuqala ngiwuKhubalo lombango onesihloko esithi: VIKA HAWU LAMI owangena kakhulu kubantu kwathi ngo2020  ngasungula elinye iqembu amaJune’July  lase likhipha ingoma ethi INDLU YENGWENYA nokuyiyona ebengilokhu ngiyiphusha ngiyifaka ebantwini kodwa kulonyaka iqembu lizokhipha maphakathi nawo unyawo. Ngifisa ukuthi abantu bengadidiseki njengoba ngisebenzisa amagama amabili emculweni, kuyimanje khona umsebenzi engiza nawo njengoba kuqala unyaka ongase uphume ngoMashi okwakumele uphume ngoDesemba  kodwa ngokuphazamiseka awubange usaphuma, ngiyiKhubalo lombango ngithi kubantu sengiphekile estudio esisha esisezingeni eliphezulu ngicela abantu belindele ngisebenze ngokukhulu ukuzikhandla nomubani akalindele umsebenzi onamandla ngoba zizokhala ngampela,”kuchaza iKhubalo lombango.

Ephetha inkulumo yakhe uthe uyacela abahleli bemicimbi bamunike naye ithuba lokuzibonakalisa yena uhlala evivile kanti nabantu uma benza imicimbi efana nemishado umemulo uyacela ukuthi bamuqashe, uphinde wanxusa nekhansela lendawo ukuthi mangane enze umcimbi limuxhase ngezinto ezifana nestage, itende, kanye nesound system.

Uma ufuna ukuthola umculo weKhubalo lombango ungashayela kule nombolo 064 032 2408 njengoba umculo wakhe udayiswa uyena ngqo kanti ungaphinda umalandele nakuFacebook page: Khubalo lombango.