THOBILE MBATHA
UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uNkk.Nomusa Dube-Ncube, usememezele impi yokulwa nobugebengu nodlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabesifazane (GBVF), njengoba isiFundazwe sisaqhubeka nokunyukelwa isibalo kulezigameko.
Ethula inkulumo yesiFundazwe (SOPA) mhla ziwu-24 Febhuwari uthe, njengengxenye yokubhekana nalezimo ezimbi, uhulumeni ucele uphiko lwezokuPhepha ukuthi luthathe izinyathelo eziningi zokulwa nalesihlava.
“Siyanqaba ukuthi isiFundazwe sethu sichazwe njengekomkhulu lokudlwengula nokubulalana eNingizimu Afrika ngenxa yokubulawa kwezakhamizi, amaciko, Amakhosi neziNduna ngaphandle kokujeziswa. Ngokusobala, sidinga izindlela ezintsha nezivuselelwe zokubhekana nobugebengu,” kusho uDube-Ncube.
Egqamisa ezinye zezinyathelo ezithathiwe uthe, uhulumeni wesifundazwe usuphakamise ukuthi kube nomthetho oqinile mayelana nokutholakala kwezibhamu nezinhlamvu. Labo abephula lomthetho, kumele babhekane nezigwebo eziqinile.”esho.
“Izitolo zezibhamu zomgunyathi, kanye nezibhamu ezisezandleni ezingekho emthethweni sizosebenzisa izinhlelo zokususa zonke izibhamu ezingekho emthethweni ezihlukumeza imiphakathi yethu nezisetshenziswa ukubulala amaphoyisa nabesifazane bethu.”eqhuba.
Uncome isimemezelo sokwanda kwamaphoyisa awu-1 800 esiFundazweni. Uphinde wagcizelela ukuthi kuzoqhutshekwa nokutshala izimali ,ezobuchwepheshe ukuze kubhekwane nobugebengu lokhu kuzohlanganisa ukufakwa kwamakhamera e-CCTV ukuze kuqedwe ukwebiwa kwemfuyo kanye nesu lokubhekana nokuhwebelana kotshwala kungemthetho. Uthe uhulumeni usujube uMnyango wezokuThutha ukuthi uvuselele umkhankaso i-Operation Shanela ukuze ugxile emigwaqeni uqinise ukulwa nodlame nobugebengu.
“Sizoqinisa iqhaza lemiphakathi ekulweni nobugebengu ngokusungula amakomiti asemgwaqeni azosebenzisana kakhulu neSAPS kanye neCommunity Policing Forums (CPFs) uMnyango ngamunye uzofaka imali engu-R10 million nezinhlaka zesiFundazwe zenze okufanayo.” ephetha

