
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), uVelenkosini Hlabisa
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), uVelenkosini Hlabisa, uxwayise omasipala ukuba bayeke ukwamukela izabelomali ezingenalo uxhaso lwezimali, wathi lo mkhuba ubeka engcupheni ukusimama kwezimali futhi udukisa imiphakathi.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba ebesihlanganyelwe noNgqongqoshe wezeziMali, u-Enoch Godongwana, ePitoli ngoLwesibili, mayelana nokumiswa kwesikhashana kokudluliselwa kwesabelo esilinganayo komasipala, uHlabisa uthe omasipala kufanele bahlele kuphela izindleko ezingakhokhelwa ngemali engenayo ekhona.
“Izabelomali ezingenawo uxhaso lwezimali kufanele ziphele,” kusho uHlabisa.
Uthe omasipala kufanele bathwale umthwalo wokuqinisekisa ukuphathwa kahle kwezimali, ikakhulukazi njengoba isikhathi samanje sohulumeni basekhaya sesiya ngasekupheleni ngaphambi koKhetho loMasipala oluhlelelwe uLwezi 2026.
Uxwayise ngokuthi omasipala akufanele bashiyele imikhandlu emisha ezokhethwa izinkinga ezinzima zezimali ngaphambi kokuba ithole isabelo sayo esilandelayo esilinganayo.
UNgqongqoshe uthe izabelomali ezingenawo uxhaso lwezimali ziphakathi kwezimbangela ezinkulu zobunzima bezimali komasipala. Lokhu kuvame ukuholela ekutheni omasipala bahluleke ukufeza izibopho zabo kubasebenzi, kubakweletisi nakubahlinzeki bezinsizakalo ezibalulekile.
“Uma umasipala usuyitholile imali, kufanele ukhokhele amabhodi amanzi, i-SARS [South African Revenue Service], u-Eskom nabo bonke abantu noma izinhlangano ozikweletayo, ukuze ungaphinde ubhekane nesimo esifanayo.
“Iminyango kahulumeni kanye nohulumeni bezifundazwe nabo kufanele bakhokhele omasipala. Lonke uchungechunge lokukhokhelana kufanele lusebenze ukuze singaphinde sibhekane nalesi simo,” kusho uHlabisa.
UNgqongqoshe uthe uhulumeni uzosebenzisana eduze ne-South African Local Government Association (SALGA), izinhlangano zabasebenzi kanye nabanye ababambiqhaza ukuze kuhlonzwe omasipala ababhekene nobunzima bezimali futhi kungenelelwe ngaphambi kokuba kudingeke kuthathwe izinyathelo eziqinile.
Uthe kuzogxilwa ekuthuthukiseni ukuthotshelwa kwemithetho nasekuhlinzekeni ukwesekwa komasipala ngaphambi kokuba izinkinga zezimali zibe zimbi kakhulu.
Ukuthuthuka ekubikweni kwezimali komasipala
UHlabisa ukwamukele ukuthuthuka ekubikweni kwezimali komasipala, waveza ukuthi ngonyaka odlule munye kuphela umasipala owehluleka ukuhambisa izitatimende zawo zezimali zonyaka, ngemuva kokuba lo mkhakha uhlale uzuza izinga elingama-98% lokuhanjiswa kwezitatimende.
Uthe uhulumeni uhlose ukuzuza ukuthotshelwa kwemithetho ngo-100% ngaphambi komnqamulajuqu wangomhla zingama-31 kuNcwaba 2026.
“Asifuni ngisho nomasipala owodwa owehluleka ukuhambisa izitatimende zezimali zonyaka. Okubalulekile ukuthotshelwa kwemithetho,” kusho yena.
Eqhathanisa isimo sezimali zomndeni, uHlabisa uthe omasipala kufanele bahlele izabelomali ngokwemali abanayo.
“Uma uhola u-R10 000, uhlela isabelomali ngokuhambisana nomholo owutholayo. Izinto ziqala ukungahambi kahle kwabanye omasipala lapho behlela ukusebenzisa imali abangenayo.”
Wengeze ngokuthi nakuba abanye omasipala bebeka phambili ukukhokhwa kwamaholo, bavame ukungazinaki izibopho ezibekwe ngumthetho, ezifana nokukhokhela i-SARS, u-Eskom namabhodi amanzi. Lokhu kudala izinkinga ezijulile zezimali.
UHlabisa uphinde wanxusa izakhamuzi, amabhizinisi kanye nezikhungo zikahulumeni ukuba zikhokhe izintela zomasipala nezimali zezinsizakalo, wathi omasipala ngeke bakwazi ukuhlinzeka ngezinsizakalo uma bengenayo imali eyanele.
“Ngeke ulindele ukuthi omasipala bahlinzeke ngezinsizakalo uma thina singakhokhi. Omasipala bazokwazi ukusebenza kuphela uma abakhokhi bezintela, amabhizinisi kanye nezinhlaka zikahulumeni bekhokha imali okufanele bayikhokhele omasipala,” kusho uHlabisa.
Uvumile ukuthi ukungasebenzi kahle komasipala kubangelwa yizinselelo eziningi ezixhumene. Nokho, uzwakalise ukuzethemba ngokuthi ukubambisana okuqinile, ukuthotshelwa kwemithetho okuthuthukisiwe kanye nokwabelana ngomthwalo wokuziphendulela kuzosiza ukubuyisela omasipala esimweni sokusimama kwezimali nokuthuthukisa ukulethwa kwezinsizakalo.
Isabelo esilinganayo somasipala
Isabelo Esilinganayo soMasipala siyisabelo semali esingenamibandela esinikezwa omasipala ngokuhambisana noMthethosisekelo kanye noMthetho Wokwabiwa Kwezimali waminyaka yonke.
Sihloselwe ukweseka omasipala ekufezeni imisebenzi yabo ngokomthethosisekelo nokubasiza ukuba bahlinzeke imiphakathi ngezinsizakalo eziyisisekelo, ikakhulukazi imindeni empofu nesengcupheni.
Ngomhla ziyisi-7 kuNtulikazi 2026, uMgcinimafa kaZwelonke wamemezela ukumiswa okwesikhashana kokudluliselwa kweSabelo Esilinganayo soMasipala sangoNtulikazi 2026 komasipala abangama-69 kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye.
Lesi sinqumo salandela ukwehluleka okuqhubekayo nokunzima kokuthobela uMthetho Wokuphathwa Kwezimali ZoMasipala (MFMA) kanye nemithethonqubo ehambisana nawo, naphezu kokwesekwa, ukwelulekwa kanye nezingxoxo ezazivele zihlinzekwe omasipala.
— SAnews.gov.za

