Uhulumeni uqinisa imizamo yokuvikela imingcele yaseNingizimu Afrika

Uphawu lwesango lokungena eNingizimu Afrika

Uhulumeni uqinisa imizamo yokuvikela imingcele yaseNingizimu Afrika ngokuthuthukisa ingqalasizinda, ubuchwepheshe, ukuqapha kanye nokusebenzisana kwezinhlaka zomthetho. Lokhu kuyingxenye yokuqaliswa koHlelo Lwamaphuzu Amahlanu Lokulawulwa Kokufuduka Kwabantu.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesibili lomhlaka 8 Septhemba , uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi, uthe sekwenziwe inqubekelaphambili enkulu ekuqiniseni ukuphathwa kwemingcele nasekuthuthukiseni ukusebenzisana phakathi kwezinhlaka ezisebenza ezikhumulweni zokungena nokuphuma kanye nasezindaweni zemingcele ezisengcupheni.

UNgqongqoshe umemezele ukuthi iKhabhinethi isigunyaze uHlelo Lokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Yasemingceleni lwango-2026 kuya ku-2030. Lolu hlelo luzoqaliswa kuzo zonke izifundazwe eziyisikhombisa ezisemingceleni yezwe.

Luhlose ukuthuthukisa ukuphepha kwemingcele, ukuhamba kwamaphoyisa aqaphayo, isikhathi sokusabela ezigamekweni, ukuphepha kwabasebenzi, ukunakekelwa kwengqalasizinda kanye nokusebenzisana phakathi kweminyango kahulumeni. Luzophinde luvimbele ukungena nokuphuma kwabantu ezweni ngokungemthetho.

Bangaphezu kuka-4 200 ababanjiwe

Nakuba sekube nenqubekelaphambili, uhulumeni usaqhubeka nokubhekana nezinselelo emingceleni emide yezwe.

Phakathi kuka-Ephreli noJulayi 2026, bangaphezu kuka-4 200 abantu bokufika abangenazo izincwadi ezisemthethweni ababanjwa bezama ukungena eNingizimu Afrika ngaphandle kokusebenzisa izikhungo ezisemthethweni zokungena nokuphuma.

Iningi labo labanjwa emngceleni osenyakatho ohlukanisa iNingizimu Afrika neZimbabwe. Kwalandela izindawo ezisemngceleni weLesotho noweMozambique.

Cishe abantu abayizi-90 000 sebebuyiselwe emazweni abo, kanti ngoJulayi kwenziwe imikhankaso ehlanganyelwe engu-81 yokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho emingceleni.

“INingizimu Afrika inomngcele womhlaba ongaba amakhilomitha ayizi-4 471 ubude, owabelana namazwe angomakhelwane ayisithupha futhi odlula ezindaweni ezahlukene nezinzima. Ngokuhamba kwesikhathi, ingqalasizinda yokuphepha emingceleni iye yonakala kakhulu. Izingxenye ezinkulu zocingo zilimele, zicekelwe phansi noma azisekho nhlobo, kanti nemigwaqo ebalulekile yokufinyelela emingceleni isesimweni esibi.

“Lokhu kube nomthelela omubi emisebenzini yokuvikela imingcele, kwaphazamisa ukuhamba kwamaphoyisa aqaphayo, kwabambezela isikhathi sokusabela, kwafaka ingcindezi kubasebenzi nasemishinini, kwaphinde kwadala amathuba asetshenziswa abantu abeqa imingcele ngokungemthetho, abashushumbisi kanye nezigebengu ezisebenza emazweni ahlukahlukene.

“Muva nje iKhabhinethi igunyaze umbhalo ophakamisa isixazululo sokuthuthukisa ingqalasizinda yasemingceleni, kanti uMgcinimafa Kazwelonke usaphothula indlela lolu hlelo oluzoxhaswa ngayo,” kusho uKubayi.

Ubuchwepheshe buzoqinisa ukulawulwa kwemingcele

UMnyango Wezasekhaya usuqinise imizamo yokwenza ukuphathwa kwemingcele kube sesimanjemanje ngokusebenzisa uhlelo lwe-Electronic Traveller Authorisation kanye ne-Enhanced Movement Control System ethuthukisiwe.

Lezi zinhlelo zethulwe nguMengameli Cyril Ramaphosa esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport mhla ziyi-12 kuNcwaba 2026.

IKomidi Longqongqoshe, i-IMC, lithe uhlelo lwe-Customs Online Traveller Declaration nalo luqale ukusebenza mhla lu-1 kuNtulikazi 2026 futhi lusebenza ngaphandle kwezinkinga ezinkulu.

UNgqongqoshe wengeze ngokuthi imishini yokuskena isiyasebenza kuzo zonke izikhungo ezinkulu zokungena nokuphuma ezisemingceleni yomhlaba, ezikhumulweni zezindiza nasemachwebeni.

I-Border Management Authority njengamanje isebenzisa ama-drone amahlanu ezindaweni ezibalulekile zasemingceleni eLebombo, eMaseru, e-Oshoek, eBeitbridge naseKwaZulu-Natal. Sekuyaqhubeka futhi ukuthengwa kwamanye ama-drone ayisishiyagalolunye.

Cishe amakhamera agqokwa emzimbeni angama-40 nawo azosetshenziswa ezikhungweni ezibalulekile zokungena nokuphuma ukuze kwenziwe imisebenzi ibonakale kangcono futhi kulwiswane nenkohlakalo yangaphakathi.

Imisebenzi yokubuyiselwa kwabantu emazweni abo ibuyela kwesijwayelekile

Phakathi komhla ziyi-14 kuNhlangulana nomhla zingama-20 kuNcwaba 2026, abantu bokufika ababalelwa ku-86 596 bacutshungulwa ukuze baxoshwe futhi babuyiselwe emazweni abo ngemikhankaso ehlanganisiwe yezinhlaka zomthetho.

AbaseMalawi yibona ababeyisibalo esikhulu, belandelwa ngabaseZimbabwe nabaseMozambique.

Imininingwane ye-IMC iveza ukuthi amaphesenti angama-90 abantu bokufika ababuyiselwe emazweni abo babengena eNingizimu Afrika ngokungemthetho, kanti amaphesenti angama-95 kubo ayengabantu abeqa imingcele ngaphandle kwezindawo ezisemthethweni.

Isikhungo sesikhashana sokucubungula ababuyiselwa emazweni abo eMusina, i-Temporary Repatriation Processing Centre, sesivaliwe futhi sayekiswa ukusebenza ngenxa yokwehla okukhulu kwesidingo.

Lesi sikhungo besinamandla okwamukela abantu abayizi-20 000 futhi, ngesikhathi sisebenza kakhulu, sacubungula ukubuyiselwa kwabantu abangaphezu kuka-4 000 emazweni abo. Nokho, lesi sibalo sehla safinyelela kubantu abangama-58 kuphela ngoNcwaba.

Imisebenzi yokubuyiselwa kwabantu emazweni abo kulesi sikhungo yamiswa mhla zingama-21 kuNcwaba 2026. Lokhu kuphawule ukubuyela esimweni esijwayelekile sokuphoqelelwa kwemithetho yezokufuduka.

Uhulumeni uthe uzoqhubeka nokusebenzisana namazwe angomakhelwane kanye nezinhlaka zesifunda ukuze kuqiniswe ukuphepha kwemingcele futhi kubhekwane nokufuduka kwabantu abangenazo izincwadi ezisemthethweni.

“Uhulumeni usazibophezele ekuthuthukiseni ukuqapha, ukuhlolwa kanye nokusebenzisana kwezinhlelo zokusebenza ezikhungweni zokungena nokuphuma. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi imingcele yaseNingizimu Afrika iphephile, ngesikhathi kuvunyelwa ukuhamba kwabantu nokuhwebelana okusemthethweni,” kusho uNgqongqoshe.

– SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *