
Umfundi wase-UKZN owenza iziqu zobudokotela, uNksz Makwena Melita Sebone, uqokwe njengomunye wabafundi abayisikhombisa ezweni lonke abazothola
Umfundi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) owenza iziqu zobudokotela, uNksz Makwena Melita Sebone, uqokwe njengomunye wabacwaningi besifazane abayisikhombisa ezweni lonke abathole umfundaze ohlonishwayo iProfessor Keolebogile Shirley Motaung Fellowship.
USebone uthole lo mfundaze emcimbini wama-23 we-South African Women in Science Awards (SAWiSA), obungaza futhi ukhuthaze igalelo labesifazane kwezesayensi nasocwaningweni.
USebone, osebenza e-South African Association for Marine Biological Research (SAAMBR), unentshisekelo enkulu yokusebenzisa izindlela ezintsha ekuhloleni izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo olwandle. Ocwaningweni lwakhe usebenzisa i-zooplankton kanye nemininingwane etholakala nge-DNA ukuze aqonde ukuthi izimo zolwandle zizithinta kanjani izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo zasolwandle.
Lolu cwaningo lusiza ekuthuthukiseni izindlela zokuqapha izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, ukuzivikela kanye nokuphathwa kwemvelo yasolwandle yaseNingizimu Afrika.
Uthe kuyamjabulisa ukusebenzisa i-DNA ukuze athole izinhlobo zezidalwa zasolwandle nokuthi aqonde kangcono indlela imvelo yasolwandle esabela ngayo lapho izimo zolwandle ziguquka.
“Lolu cwaningo lubalulekile ngoba ulwandle olunempilo lusekela izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, imboni yokudoba, ezokuvakasha kanye nezindlela zokuziphilisa zemiphakathi eminingi ehlala ezindaweni ezisogwini. Lapho siqhubeka nokwazi kabanzi ngezilwandle zethu, kulapho sizokwazi khona ukuzivikela kangcono,” kusho uSebone.
Usebhale ngokubambisana nabanye abacwaningi imibhalo yocwaningo emihlanu ephathelene nezifundo zakhe.
Umfundaze iProfessor Keolebogile Shirley Motaung Fellowship, otholwe uSebone, uhlose ukweseka abesifazane abangabacwaningi abenza iziqu eziphakeme, ikakhulukazi lapho befika ezigabeni ezibalulekile ohambweni lwabo lwezemfundo.
USebone uthe uzizwa ehlonipheke kakhulu futhi ebonga ngalokhu kuqashelwa.
“Lokhu akumeleli ukusebenza kwami kanzima kuphela, kodwa kuphinde kuveze ukwesekwa okungantengantengi kwawo wonke umuntu obe negalelo ohambweni lwami. Kungikhuthaza ukuba ngiqhubeke nokuphishekela ukwenza kahle ocwaningweni lwami, kanye nokugqugquzela abesifazane abasebasha abaningi ukuba bakhethe imisebenzi emkhakheni wesayensi,” kusho yena.
USebone wengeze wathi: “Isayensi iyakhula futhi iphumelele lapho abantu abanemibono ehlukahlukene behlangana ukuze baxazulule izinselelo eziyinkimbinkimbi. Nginesifiso esikhulu sokufaka isandla ekwakheni ikusasa lapho izilwandle zethu ziqondwa kangcono, zivikelwa futhi ziphathwa ngendlela esimeme.”
UDkt Normah Zondo, onguMqondisi Omkhulu woPhiko Lwezobudlelwano Benhlangano e-UKZN, uhalalisele uSebone, wathi impumelelo yakhe ingumthombo wokuziqhenya okukhulu emphakathini wase-UKZN.
“Impumelelo yakhe ikhombisa izinga eliphezulu locwaningo olwenziwa ngabafundi abenza iziqu eziphakeme e-UKZN. Iphinde iqinise ukuzibophezela kweNyuvesi ekuthuthukiseni isizukulwane esilandelayo sabesifazane abangososayensi nabacwaningi, abenza igalelo elibonakalayo emphakathini.
“Siziqhenya kakhulu ngalokhu kuhlonishwa okumfanele, futhi sifisela uSebone impumelelo eqhubekayo njengoba ethuthukisa ucwaningo lwakhe futhi egqugquzela nabanye ukuba baphokophelele ukwenza kahle kwezesayensi, ezobuchwepheshe kanye nokusungula izinto ezintsha,” kusho uZondo.
Top of Form
Bottom of Form

