
ESITHOMBENI -IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ekanye nethimba losonkontileka
SHEILA MHLONGO
ICornubia Business Park entsha, esenyakatho yeTheku KwaZulu-Natal, kulindeleke ukuthi ivule izinkulungwane zamathuba emisebenzi njengoba isigaba sokuqala salolu hlelo lwentuthuko, esibiza u-R200 million, sesisondele ekuphothulweni.
Sekuvele kuvuleke amathuba emisebenzi yokwakha angaba ngu-300 ngenxa yale ntuthuko, kanti kulindeleke ukuthi kuvuleke eminye imisebenzi engu-100 yesikhathi esigcwele lapho isigaba sokuqala sesiphothuliwe ngoZibandlela nonyaka.
Isigaba sesibili, okulindeleke ukuthi siqale ngonyaka ozayo, kulindeleke ukuthi sivule amathuba emisebenzi esimeme acishe abe ngu-2 000.
IMeya kaMasipala waseThekwini, uCyril Xaba, ihambele indawo yentuthuko ngoMsombuluko ukuyohlola inqubekela phambili. Ubephelezelwa yiSikhulu Esiphezulu seFundamentum, uCarlos Correia, okuyinkampani engumthuthukisi, kanye nethimba labaphathi abaphezulu bakamasipala eliholwa yiSikhulu Esiphezulu Sezokusebenza, uThando Mkhize.
Isigaba sokuqala, esihlanganisa izitolo zenkampani yamazwe ngamazwe edayisa imikhiqizo yokulungisa amakhaya, iLeroy Merlin, kulindeleke ukuthi siphothulwe ngoZibandlela. Izitolo zihlelelwe ukuvulelwa umphakathi mhla ziyi-16 kuZibandlela 2026.
Izigaba ezilandelayo zizohlanganisa ukwakhiwa kwe-Emeris Campus, okulindeleke ukuthi yamukele abafundi ababalelwa ku-8 000, kanye nezakhiwo zamabhizinisi.
Utshalomali olukhona njengamanje kanye nalolo oluhleliwe esifundeni saseCornubia lungaphezu kuka-R2.1 billion. Imali elinganiselwa ku-R500 million isivele yabekelwa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kule ndawo kanye nokwakhiwa kweLeroy Merlin.
UXaba ukwamukele ukuqhubeka kweFundamentum nokutshala izimali eThekwini, waveza ukuthi le nkampani isivele inezakhiwo nezimpahla ezibiza ngaphezu kuka-R8 billion ngaphansi kukaMasipala waseThekwini. Lokhu kuhlanganisa iWestown Square eShongweni, iBridge City Mall KwaMashu kanye neMidway Crossing Mall eNewlands West.
“Sijabule ngokuthi utshalomali oluqhutshwa yiFundamentum eCornubia Business Park lukhombisa ngokusobala ukuthi imboni ezimele inethemba edolobheni lethu kanye nekusasa laseCornubia,” kusho uXaba.
UXaba uthe lolu tshalomali lubalulekile hhayi nje kuphela ngenxa yenani lalo lezimali, kodwa nangenxa yamandla alo okuvuselela umsebenzi wokwakha, ukuvula amathuba emisebenzi, ukuheha amabhizinisi amasha kanye nokwandisa amathuba ezomnotho kubantu baseThekwini.
“Lolu yilona kanye uhlobo lwentuthuko oluqhutshwa wutshalomali esifuna ukulukhuthaza kulo lonke idolobha lethu,” kusho iMeya.
UXaba uthe le ntuthuko iphinde ikhombise ukubaluleka kokubambisana phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele ekuvuleni amathuba ezomnotho nasekusekeleni ukukhula okusimeme eThekwini. – SAnews.gov.za

