
Umasipala weTheku usudalule umhlahlandlela wokuqalisa ukusebenza kohlelo lwezokuthutha umphakathi i-GO!Durban, okulindeleke ukuthi luqale ukuthutha abagibeli emzileni ophakathi kweBridge City nePinetown ngoDisemba 2026.
IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, imemezele lokhu esithangamini sabezindaba esasibanjwe mhla ziyisi-6 kuSepthemba 2026.
UXaba uthe uMasipala, ngokubambisana neminyango yezokuThutha esifundazweni nakuzwelonke, usudlule kuzinselelo eziningi ebeziphazamisa ukuqaliswa kwalolu hlelo. Uthe izingxoxo ezinzulu nezimboni zezokuthutha seziholele ekutheni zonke izinhlangothi zifinyelele esivumelwaneni esivula indlela yokuthi i-GO!Durban iqale ukusebenza ngoZibandlela.
Kuvunyelwene ngezinto ezibalulekile
Ngokwesitatimende seMeya, uMasipala nabathintekayo embonini yezokuthutha bavumelene ngala maphuzu:
- UMasipala uzothenga amabhasi angama-22 azosebenza emzileni omkhulu we-GO!Durban.
- Abaqhubi bezokuthutha bazothenga izimoto ezizothutha abagibeli zibasuse noma zibayise emzileni omkhulu, besebenzisa izinkampani zabo ezibizwa ngama-Vehicle Operating Companies (VOCs).
- Kuzoqale kusayinwe inkontileka yesikhashana yeminyaka emithathu, bese kulandela inkontileka yeminyaka eyi-12 okuzoxoxiswana ngayo.
- UMasipala uzokhokhela ama-VOC ukuze aqhube lolu hlelo, kanti wona azonquma ngezabelo zenzuzo kubaninimasheya bawo.
- UMasipala nabaqhubi bezokuthutha sebevumelene ngendlela amathuba azotholakala ochungechungeni lwamabhizinisi azokwabiwa ngayo.
- Amaphesenti angama-75 abasebenzi azoqashwa eqenjini labasebenzi abalahlekelwa yimisebenzi ngenxa yokuqaliswa kwalolu hlelo.
- Isinxephezelo sezimoto sizobalwa ngokubheka inani lebhizinisi lomqhubi othintekayo, inzuzo ayenzayo njengamanje kanye nesikhathi selayisensi yakhe yokusebenza.
Kuzosungulwa izinkampani zabaqhubi
Esinye sezinyathelo ezibalulekile kuzoba ukusungulwa kwama-VOC, azohlinzeka ngohlaka olusemthethweni lobunikazi nokuphathwa kwezinkampani abaqhubi bezokuthutha abazosebenzisana ngazo noMasipala.
Ngemva kwalokho, uMasipala uzophothula futhi usayine izinkontileka nama-VOC ukuze kuqaliswe ukusebenza kwezinsiza ze-GO!Durban emzileni i-C3.
Ukusayinwa kwezinkontileka kuhlelelwe ukuba kwenzeke ngeNyanga yezokuThutha ngoMfumfu 2026. Lokhu kuzophinde kube ukuqaliswa kancane kohlelo, kanye nokuqala kokuhlolwa kwezimoto, izinhlelo zobuchwepheshe nezinye izingxenye zalo.
Lesi sigaba sokuhlola nokulungiselela kulindeleke ukuthi sithathe cishe izinyanga ezimbili.
Kuzoqalwa ngomzila waseBridge City nasePinetown
Isigaba sokuqala sizogxila emzileni i-C3 oxhumanisa iBridge City nePinetown. Lo mzila uzosiza nemiphakathi ezungezile futhi ube yingxenye yokuqala ezosebenza kunethiwekhi entsha edidiyelwe yezokuthutha umphakathi.
Ukwethulwa ngokusemthethweni nokuqala kokuthuthwa kwabagibeli kulindeleke ngoZibandlela 2026.
Eminye imizila yesigaba sokuqala, okuyi-C1, C2, C9 kanye nohlelo lwezokuthutha enkabeni yedolobha, i-Inner-City Distribution Service (ICDS), izoqala ukwethulwa ngekota yokuqala ka-2027.
Kusukela ngoZibandlela 2026 kuya kuNdasa 2027, uMasipala uzophinde uqale ukuhlanganisa amabhasi avele ethola uxhaso lukahulumeni nenethiwekhi ye-GO!Durban. Imizila izobuyekezwa futhi ihlelwe kabusha ukuze kuthuthukiswe ukuxhumana phakathi kwemiphakathi, izindawo ezibalulekile kanye nezinhlobo ezahlukene zezokuthutha umphakathi.
Sekutshalwe imali engu-R9.7 billion
UXaba uthe imali eseyitshalwe uMasipala ohlelweni lwe-GO!Durban kuze kube manje ilinganiselwa ku-R9.7 billion.
Le mali isetshenziselwe ukwakhiwa kwenethiwekhi yezokuthutha edidiyelwe, okubandakanya ingqalasizinda, iziteshi, amadepho, izinhlelo zobuchwepheshe kanye nezinsiza zochwepheshe.
Uhlelo luxhaswe nge-Public Transport Network Grant evela eMnyangweni wezokuThutha kuzwelonke.
Sekudaleke amathuba emisebenzi angaphezu kuka-22 000
Ngesikhathi sokuhlelwa nokwakhiwa kwe-GO!Durban, sekudaleke amathuba emisebenzi angama-22 967. Kulawa:
- Angama-11 767 abe ngawabantu abasha.
- Angama-3 677 abe ngawabesifazane.
- Angama-231 abe ngawabantu abaphila nokukhubazeka.
- Kuqashwe nabafundi abangama-25 abaphothule izifundo zabo kodwa ababengasebenzi.
Mayelana nokuthuthukiswa kwamabhizinisi, imali elinganiselwa ku-R1.2 billion iye kosonkontileka abancane, kwatshalwa u-R372 million ekuthuthukisweni kwamabhizinisi kwathi u-R526 million wasetshenziswa emabhizinisini amancane ayi-155.
I-GO!Durban ihlose nokuguqula nokufaka embonini esemthethweni abaqhubi bamatekisi namabhasi abathintekayo, ukuze bakwazi ukuba yingxenye yenethiwekhi edidiyelwe yezokuthutha futhi bathole amathuba esimeme.
IMeya ithembisa ezokuthutha eziphephile nezithembekile
UXaba uvumile ukuthi ukuqaliswa kwe-GO!Durban kubambezelekile, kodwa wathi lolu hlelo selukhiqize imiphumela ebonakalayo, okubalwa ingqalasizinda, izinhlelo zokusebenza kanye namathuba okuhlomisa abantu ngokwezomnotho.
Uthe umsebenzi omkhulu manje wukuguqula imali esivele itshaliwe ibe uhlelo lwezokuthutha olusebenzayo, kuqalwe ngomzila i-C3.
“Uma kufika uZibandlela, abagibeli bazoqala ukuhlomula kwingqalasizinda esezingeni eliphezulu esiyakhile emzileni ophakathi kwePinetown neBridge City,” kusho uXaba.
Uthe ukuqala kwalolu hlelo kuzofezekisa umbono kaMasipala wokuhlinzeka izakhamuzi zaseThekwini ngezokuthutha umphakathi eziphephile, ezingabizi, ezididiyelwe nezithembekile.
Umphakathi unxuswe ukuba ulandele izinkundla zokuxhumana ezisemthethweni zikaMasipala weTheku kanye neze-GO!Durban ukuze uthole izibuyekezo njengoba kusondela usuku lokwethulwa kwalolu hlelo.

