
UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo umise emsebenzini izikhulu ezine eziphezulu, okubalwa kuzo noMphathi Omkhulu Wezezimali (CFO), njengoba kusalindwe ukuphothulwa kophenyo ngezinsolo zokukhwabanisa ezihlobene nethenda yokuhlinzekwa kwamalahle.
Ngokusho koMnyango, sekuvulwe icala lobugebengu ophikweni oluphenya amacala abucayi, i-Directorate for Priority Crime Investigation, olwaziwa ngokuthi ama-Hawks, kulandela lezi zinsolo.
“Kuzophinde kwenziwe uphenyo olunzulu lwezobuchwepheshe ukuze kutholakale ukuthi ukungahambi ngendlela kwezinto kufinyelele ezingeni elingakanani, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi labo abathintekayo bayashushiswa.
“Ngesikhathi eqokwa njengoNgqongqoshe Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uDkt Pieter Groenewald wathi ukulwa nenkohlakalo nokukhwabanisa, kanye nokuqinisekisa ukuthi izikhulu ezephula umthetho zibhekana nemiphumela yezenzo zazo, kuzoba yinto eza kuqala kuye.
“UNgqongqoshe uyakwamukela ukuphumelela okube khona kulolu daba futhi uqinisekisa ukuthi uMnyango wakhe uzosebenzisana ngokugcwele nabaphenyi ukuze kuqinisekiswe ukuthi labo abatholakala benecala bayaphenduliswa,” kusho uMnyango esitatimendeni esifushane.
— SAnews.gov.za

