OWAMI THABETHE
Ukudla okufana nofishi osemathinini, iziphuzo ezinotshwala, isoya, ukudla kwezingane, nezinongo ezisetshenziswa kakhulu kuma-chips nokunye , kutholwe kugcinwe namakhemikhali ayingozi njengesibulala-zinambuzane, endaweni yokugcina impahla eBluff, eThekwini, ngoLwesithathu mhlaka 20 Novemba .
Le ngxube engase ibe yingozi yezimpahla namakhemikhali anobuthi ihlotshaniswe nohide lokufa kwezingane ezweni lonke ezagula ngemuva kokudla ukudla okuthengwe ezitolo zespaza.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uthe kusaphenywa ukuze kutholwe abantu abathintekayo ngokungenisa ukudla osekuphelelwe yisikhathi nokomkokotelo okufana nalokhu okudayiswa kakhulu ezitolo zasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
“Kulezi zindawo ezimbili zokugcina izimpahla kutholwe nemithi ewumgunyathi, okokugcoba umzimba notshwala osebuphelelwe yisikhathi. Amaphoyisa nawo aqinise umkhankaso wokuthungatha imikhumbi engena kuleli iphethe izinto ezingavumelekile nemikhiqizo engagunyaziwe ukuthi ibe sezweni,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka nomkhankaso aphinde athola ezinye izindawo ezimbili ezigcina izimpahla zomgunyathi ezibiza izigidi zamarandi.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali, u-Lieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, uncome izinhlaka ezehlukene ezibambe iqhaza kulo mkhankaso waphinde wafunga wagomela ukuthi ngeke bashiye phansi ukuthungatha abantu ababeka impilo yabantu baseNingizimu Afrika engcupheni, ikakhulukazi izingane ezithenga ukudla okutholakala ezitolo ze-spaza.
UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz Thamsanqa Ntuli, obehambisana noMkhwanazi lapho beyogcina khona izimpahla, uthe: “Okubuhlungu wukuthi iningi lemikhiqizo esuke iwumbombayi futhi esuke isiphelelwe yisikhathi. Futhi sibone nemikhiqizo esingakaze siyibone ezweni lakithi, esisazophenya kabanzi ukuthi ifike kanjani kuleli”.


