UKZN ilungisela ukubungaza  umcimbi  wokuthweswa kweziqu wasentwasahlobo

  • Bangama-1 665 abazothweswa iziqu.
  • Imicimbi izoba se-Westville Campus eThekwini, mhla ziyi-15 kuya ku-16 Septhemba 2026.

Izifundiswa ezintathu ezivelele zizohlonishwa ngemiklomelo ehlonishwayo yama-Fellowship Awards.

Umuntu oneminyaka engama-82 ozothola iziqu zobudokotela, owake wayeka isikole esemncane, kanye nombhali osewine imiklomelo kabili, baphakathi kwabafundi abayi-1 665 abazothweswa iziqu emicimbini yase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) kuleli sonto.

Imicimbi izobanjelwa e-Westville Campus mhla ziyi-15 kuya ku-16 Septhemba. Kuzobungazwa impumelelo yabafundi abangama-922 abathola iziqu zokuqala kanye nabangama-743 abathola iziqu eziphakeme. Abesifazane benza u-63% waleli qembu.

Ugogo oneminyaka engama-82 uthola iziqu zobudokotela

Phakathi kwabazothweswa iziqu kukhona uNkk Dolly Nontuthuzelo Nyasulu. Lapho eneminyaka engama-82, uzothola iziqu ze-Doctor of Philosophy in Public Health.

Esebenzisa ulwazi aluqoqe eminyakeni eminingi esebenza emkhakheni wobuhlengikazi, ukubelethisa, ukunakekelwa komama nezinsana, imfundo kanye nenqubomgomo yezempilo, ucwaningo lwakhe lobudokotela lubheke ukuthi imindeni ingabamba kanjani iqhaza elikhulu nelibalulekile ekunakekelweni komama nezinsana.

Uhambo lukaNyasulu lokuthola iziqu zobudokotela lube nezinselelo ezinzima zokushonelwa. Washonelwa indodakazi yakhe, abafowabo ababili kanye nomyeni wakhe.

Naphezu kwalobu bunzima, akazange aphele amandla. Wathola amandla ngokwesekwa ngumndeni wakhe nabaphathi bocwaningo lwakhe, kanye nasenkolelweni yabazali bakhe yokuthi imfundo inamandla okuguqula impilo yomuntu.

Wasuka ekuyekeni isikole wafinyelela eziqu zobudokotela

UMnu Lusanda Ncisana, owayeka isikole efunda uGrade 9 kodwa waphindela emuva ngemva kweminyaka emibili esebuya esuthwini, uzothola iziqu zobudokotela kwi-Crop Science.

UNcisana wakhulela elokishini laseNgangelizwe, eMthatha, eMpumalanga Kapa. Njengamanje ungumfundisi e-University of Limpopo. Uthi indlela yakhe yokufinyelela eziqu zobudokotela yayingelula neze.

Umbhali osewine imiklomelo kabili uthola i-LLM

Omunye ozobungazwa kulo mcimbi nguMnu Xolo Songca, umbhali waseNingizimu Afrika osewine imiklomelo kabili futhi owaziwa ngezincwadi zakhe ezithi The African Code kanye nethi The Caucasian Fallacy.

USongca uzothola iziqu ze-Master of Laws (LLM) in Constitutional Law. Uphinde abe ngumuntu odumile ku-TikTok, lapho enabalandeli abangaphezu kuka-250 000 kanye nama-like ayizigidi ezine. Usebenzisa le nkundla ukwabelana ngemibono yakhe ngezindaba zomthetho, imfundo kanye namagugu omphakathi.

Abafundi bakwamanye amazwe nabaphila nokukhubazeka bayathweswa

Umcimbi uzokhombisa ukwehlukahlukana komphakathi wabafundi base-UKZN. Bangama-87 abafundi bakwamanye amazwe abazothola iziqu, kanti bangama-22 abathweswa iziqu abaphila nokukhubazeka.

Imicimbi izophinde ihloniphe amalungu omphakathi wase-UKZN abe negalelo elikhulu kwezemfundo nasemphakathini. Kuzobungazwa izifundiswa ezintathu ezivelele ezimisebenzini yazo zikhombise ukuzibophezela kwale Nyuvesi ekuthuthukiseni ucwaningo lwase-Afrika, ulwazi kanye nokusebenzela umphakathi.

Osolwazi uNtombifikile Mazibuko noPaulus Zulu bazothola ama-Fellowship Awards ngenxa yegalelo labo elivelele kwezemfundo, ebuholini nasekusebenzeleni umphakathi.

UMufi uSolwazi Adrian Koopman uzohlonishwa ngemva kokudlula emhlabeni ngenxa yegalelo lakhe elingasoze lalibaleka kwezolimi, amagama kanye nolwazi lwendabuko.

UDkt Normah Zondo, onguMqondisi Omkhulu we-Corporate Relations Division, uthe iqembu labathweswa iziqu kulo nyaka likhombisa ukuqina, ukuzimisela kanye nokwehlukahlukana okuvelele emphakathini wase-UKZN.

“Ngaphezu kwalezi zindaba zabantu ngabanye ezikhuthazayo, abayi-1 665 abathweswa iziqu kule ntwasahlobo bamele ukuzibophezela kweNyuvesi ekwakheni amathuba okwenza kahle ezifundweni kanye nokuletha uguquko.

“Njengoba abesifazane benza u-63% waleli qembu, kanti abafundi bakwamanye amazwe abangama-87 nabo bethola iziqu, le micimbi ikhombisa ukwehlukahlukana okucebile komphakathi wabafundi kanye nokukhula kokufinyelela kwe-UKZN emhlabeni.

“Siphinde sihloniphe izifundiswa ezinegalelo elidlulele ngale kwamagumbi okufundela ngama-Fellowship Awards. Lokhu kuqinisekisa ukuthi imfundo yase-Afrika ayiqiniswa kuphela ukwenza kahle ezifundweni, kodwa iqiniswa nangobuholi, ukusebenzela umphakathi kanye nokulondolozwa kolwazi.

“Siyaziqhenya kakhulu ngaleli qembu labathweswa iziqu futhi sibheke ngabomvu ukubona igalelo elizolenza…”

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *