
IKomidi Lephothifoliyo Lezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natali (COGTA) liyamukele inqubekela phambili eseyenziwe uMasipala Wesifunda uMzinyathi.
SHEILA MHLONGO
IKomidi Lephothifoliyo Lezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natali (COGTA) liyamukele inqubekela phambili eseyenziwe uMasipala Wesifunda uMzinyathi. Nokho, linxuse ukuba kuthathwe ezinye izinyathelo zokunqoba ukuntenga kokuphathwa kwalo masipala.
IKomidi liphawule ngalokhu ngomhlaka 4 Septhemba ngesikhathi sokulalelwa kwezindaba ngaphansi kweSigaba 132, obekubanjelwe emahhovisi amakhulu kaMasipala Wesifunda uMzinyathi, eDundee.
IsiShayamthetho sisebenzisa ukulalelwa kwezindaba ngaphansi kweSigaba 132 njengendlela yokuqinisekisa ukuthi omasipala bayaziphendulela ngemiphumela engemihle yocwaningomabhuku kanye nezindlela ezingagculisi zokuphathwa kwezimali.
Ngesikhathi socwaningomabhuku sonyaka wezimali ka-2024/25, umasipala wenze inqubekela phambili ngokusuka emibonweni emibi yocwaningomabhuku owawuyithole eminyakeni emithathu yezimali elandelanayo, wathola umbono wocwaningomabhuku onemibandela.
Kwabe sekwenziwa uHlelo Lokulungisa Okutholwe Wucwaningomabhuku ukuze kubhekwane neziphakamiso zalo. Kokutholakele okungu-54, sekulungiswe okungu-38, kanti okungu-16 kusadinga ukulungiswa.
Amalungu eKomidi atshele ubuholi baseMzinyathi ukuthi le nqubekela phambili ikhombisa ukuthi umasipala unawo amandla okunqoba izinselelo zokulethwa kwezidingo ezisasele.
Nokho, kusekhona ukungahambisani okukhulu: umasipala usebenzise amaphesenti angu-99 esabelomali sawo, kodwa wafeza amaphesenti angu-40 kuphela emigomo yawo.
IKomidi litshelwe ukuthi umasipala weqe isibalo sabasebenzi ogunyazwe ukuba nabo. Lokhu kusho ukuthi uqashe abasebenzi abaningi kunalabo abagunyazwe wuhlaka lwawo olusemthethweni, isabelomali kanye nemikhawulo yokuqashwa kwabasebenzi ebekwe ngokomthetho.
Ngaphezu kwalokho, umasipala usaqhubeka nokubhekana nobunzima bokuhlinzeka izakhamuzi zawo ngamanzi ahlanzekile naphephile ukuba aphuzwe.
IKomidi lamukele izinqumo eziningana okuhloswe ngazo ukusiza umasipala ukuba uthuthukise ukusebenza kwawo. Liphinde lacela ukuba kulethwe eminye imibiko esekelwe ezingxoxweni nasezindabeni ezidingidwe namuhla.

