Utshalomali luka R1million luqinisa amabhizinisi angu-60 aphethwe ngabesifazane eThekwini

Osomabhizinisi besifazane abangama-60 baseThekwini bajabule kakhulu ngesikhathi bethola imishini namathuluzi okukhiqiza e-The Station mhla ziyi-14 Septhemba. Le mishini ihlose ukuqinisa amabhizinisi aphethwe ngabesifazane nokuwavulela izindlela zokukhula okusimeme.

Ukutshalwa kwemali elinganiselwa R1million  kuzinsiza ezifana nemishini  namathuluzi okukhiqiza kuzoqinisa amabhizinisi angu-60 aphethwe ngabesifazane eThekwini. Lokhu kuzosiza osomabhizinisi ukuba bandise umkhiqizo, bakhulise ukusebenza kwamabhizinisi abo, bavule amathuba okuziphilisa futhi bathole namanye amathuba okukhula.

Ukunikezelwa kwemishini kwenzeke ngoMsombuluko, mhla ziyi-14 Septhemba, ngesikhathi kubanjwe i-Women in Business Symposium e-The Station ngaphansi kwesiqubulo esithi: “From Survival to Scale: Unlocking Growth for Women-Owned Enterprises”, okusho ukusuka ekuzameni ukuphila uye ekukhuliseni amabhizinisi aphethwe ngabesifazane.

Lo mcimbi ubuholwa nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uStella Ndabeni. Uhlanganise osomabhizinisi besifazane, uhulumeni, izikhungo zentuthuko, ochwepheshe bamabhizinisi kanye nabanye ababambiqhaza.

Bekudingidwa izithiyo eziqhubeka nokubambezela ukukhula kwamabhizinisi aphethwe ngabesifazane. Lezi zihlanganisa ukuntuleka kokufinyelela ezimalini, ezimakethe, emathubeni amabhizinisi, ezinkundleni zokuxhumana kwezamabhizinisi kanye nasemishinini nasemathuluzini okukhiqiza.

Ukunikezelwa kwemishini kuyingxenye ye-Informal Micro Enterprises Development Programme (IMEDP), okuwuhlelo loMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane. Lolu hlelo luhlose ukusiza amabhizinisi ukuthi asuke esigabeni sokuzama ukuphila kuphela aye ekukhuleni okusimeme.

UNgqongqoshe uNdabeni uthe ukunikeza abesifazane imishini namathuluzi okukhiqiza kubalulekile ukuze kuthuthukiswe amandla abo okukhulisa amabhizinisi nokubamba iqhaza elibonakalayo emnothweni.

“Ukweseka osomabhizinisi besifazane ngemishini yokukhiqiza akugcini nje ngokubanikeza impahla. Kumayelana nokukhulisa umkhiqizo, ukuqinisa amandla abo okuhlangabezana nezidingo zamakhasimende, ukuvula amathuba emisebenzi kanye nokwakha amabhizinisi asimeme.

“Uma abesifazane benamathuluzi okubasiza bakhule, baba sesimweni esingcono sokubamba iqhaza elibonakalayo emnothweni, bondle imindeni yabo futhi bavulele nemiphakathi yabo amathuba,” kusho uNgqongqoshe uNdabeni.

Enkulumweni yakhe yokwamukela izihambeli, iMeya kaMasipala waseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, ithe uhulumeni kufanele wakhe isimo esivumela amabhizinisi aphethwe ngabesifazane ukuba aphume esigabeni sokuzama ukuphila kuphela, akwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo ekukhuleni komnotho.

“Maningi kakhulu amabhizinisi aphethwe ngabesifazane asavaleleke emjikelezweni wokuzama ukuphila kuphela. Abesifazane banethalente, bayakwazi ukumelana nezinselelo futhi banesifiso sokuphumelela, kodwa basaqhubeka nokubhekana nezithiyo zokuthola izimali, izimakethe, imishini yokukhiqiza kanye nobuchwepheshe.

“Kufanele sivumele ukukhula kwamabhizinisi abesifazane asimeme futhi angakhula kuzo zonke izinhlobo zemikhakha, kuhlanganise nezimboni ngokomlando ebezingangeneki kalula kwabesifazane,” kusho iMeya uXaba.

Abahlomuli bathole imishini ehambisana nezinhlobo zamabhizinisi abo. Basebenza emikhakheni eyahlukene, ehlanganisa ubuhle nokulungiswa kwezinwele, ukupheka nokuhlinzeka ngokudla, ukukhiqizwa kokudla, ukuthunga izingubo, ukwakha, umsebenzi wokubaza, ukuvuselela nokumboza impahla yasendlini, ukuhlanza, ukukhiqiza ifenisha, ezolimo, ukufuywa kwezinkukhu, ukuvuselelwa kwezinto ezilahliwe, imisebenzi yezithombe nemisindo, ukuphrinta, ukukhiqizwa kwezimpahla zesikhumba, ukuwashwa kwezingubo, ukulungisa kanye nokuvuselela izakhiwo.

Phakathi kwabahlomulile bekukhona usomabhizinisi oneminyaka engama-27, uMandisa Gwexa waseMariannhill. Ube yingxenye yezikhulumi ebezisesigcawini, waphinde wathola imishini ezokweseka isikhungo sakhe sobuhle, iNailed It.

“Uhambo lwami lwaqala ngosizo lukaMasipala waseThekwini ngo-2021, owanginikeza ithuba lokwakha nokuqinisa ibhizinisi lami. Namuhla, ukuthola ukwesekwa kuhulumeni kazwelonke kukhombisa ukuthi yini engenzeka uma izinhlelo zokungenelela zixhumana nosomabhizinisi ezigabeni ezahlukene zohambo lwabo.

“Le mishini izongisiza ngikhulise ibhizinisi lami, ngisize amakhasimende amaningi futhi ngivulele nabanye amathuba. Ngifuna nokusebenzisa ulwazi namakhono ami ukuqeqesha nokuthuthukisa abanye besifazane ngamakhono angabasiza ukuthi bakwazi ukuzimela ngokwezomnotho,” kusho uGwexa.

Ukunikezelwa kwemishini kwenzeke ngesikhathi se-Women in Business Symposium, ebibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: “From Survival to Scale: Unlocking Growth for Women-Owned Enterprises.”

Imishini izosiza abahlomuli ukuba bandise umkhiqizo, bakhulise ukusebenza kwamabhizinisi abo futhi bavule amathuba okuziphilisa.

Lolu xhaso lufinyelele kosomabhizinisi besifazane abasebenza emikhakheni eyahlukene, lwabanikeza amathuluzi angokoqobo okubasiza baqhubekisele amabhizinisi abo phambili.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *