Umbukiso we-South Regional Business Fair uzovula amathuba ezimakethe kosomabhizinisi bendawo

Isimemezelo sokubhalisela ukubamba iqhaza kumbukiso we Durban South Business Fair

UMasipala waseThekwini usondeza umbukiso wawo omkhulu iDurban Business Fair emiphakathini ngokusingatha iSouth Regional Durban Business Fair kusukela mhla zi-2 kuya kumhla zi-4 kuMfumfu 2026, eKwaMnyandu Shopping Centre.

Lo mbukiso uyingxenye yemizamo kaMasipala yokuqinisa umnotho wasemalokishini nokuvulela amaBhizinisi Amancane Kakhulu, Amancane Naphakathi nendawo (MSMEs) amathuba okukhula, okufinyelela ezimakethe kanye nokubamba iqhaza elibonakalayo emnothweni wendawo.

IDurban Business Fair, eyasungulwa ngo-1998, isiphenduke inkundla eyaziwayo lapho amabhizinisi ekhangisa khona ngemikhiqizo nezinsizakalo zawo, akhe ubudlelwano futhi axhumane nabathengi abangaba ngamakhasimende kanye nabalingani bamabhizinisi.

Umbukiso omkhulu obubanjwe okwesikhathi sama-28 ekuqaleni kwalo nyaka eDurban Exhibition Centre, uhehe izivakashi eziyi-18 743. Lokhu kugqamisa ukuthi le nkundla isaqhubeka nokufinyelela kubantu abaningi futhi isabalulekile.

Umbukiso wesifunda eseningizimu uzogxila emabhizinisini asebenza emalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Lokhu kuzonikeza osomabhizinisi ithuba elikhulu lokubonakala kanye nokwethula imikhiqizo nezinsizakalo zabo ezimakethe ezibanzi.

Uhlelo luzohlanganisa iBusiness Indaba, izifundo ezisezingeni eliphezulu zokuthuthukisa amakhono, izingxoxo zokweseka amabhizinisi kanye nethuba lokuxhumana neminyango ebalulekile kaMasipala nekaHulumeni. Lokhu kuzosondeza ulwazi nosizo emabhizinisini nasemiphakathini.

USihlalo weKomidi Lokuthuthukiswa Komnotho Nokuhlela eThekwini, uKhansela Thembo Ntuli, uthe lo mbukiso wesifunda uhlose ukusondeza amathuba ezomnotho kosomabhizinisi.

“Sekuyiminyaka engama-28 iDurban Business Fair ixhumanisa amabhizinisi nezimakethe, amathuba kanye namanethiwekhi. Manje sesiletha le nkundla ngqo emiphakathini yethu. Sifuna amabhizinisi asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya abonakale, akwazi ukuncintisana futhi abe sesimweni esihle sokukhula.

“Ngokuvula iminyango yezimakethe, ukuqinisa amabhizinisi endawo nokudala amathuba, singakha umnotho lapho abantu abaningi bebamba khona iqhaza, bephumelela futhi bedala namathuba emisebenzi,” kusho uKhansela Ntuli.

Lo mbukiso uzophinde uveze imikhiqizo nezinsizakalo ezisezingeni eliphezulu ezikhiqizwa ngamabhizinisi asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya, ngesikhathi ukhuthaza imiphakathi ukuba yeseke futhi ithenge imikhiqizo yakuleli.

INDLELA YOKUBHALISA

Amabhizinisi afisa ukukhangisa nokubonisa imikhiqizo noma izinsizakalo zawo kulo mbukiso akhuthazwa ukuba abhalise ngaphambi komhla zingama-24 kuMandulo 2026.

Amafomu okubhalisa atholakala kule ngosi: https://gqr.sh/ukZU.

Amafomu angalandwa futhi kulezi zindawo:

  • Ku-199 Anton Lembede Street, esitezi sesi-7.
  • Kunoma yisiphi iSizakala Centre.
SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *