I-Farrier Business Park iqala ukwakhiwa njengoba i-Westown iqhubeka nokukhula

ISITHOMBE: I-Fundamentum Property Group, ngokubambisana noMasipala weTheku nabanye ababambiqhaza bezentuthuko, yethule isigaba esilandelayo sokuthuthukiswa kwe-Westown ngomcimbi wokuphendulwa kwesoyi we-Farrier Business Park ebiza u-R1.3 billion.

SHEILA MHLONGO

Uguquko oluqhubekayo endaweni esentshonalanga yeTheku lufinyelele kwelinye igxathu elibalulekile mhla zingama-28 Septhemba 2026, ngesikhathi kubanjwa umcimbi wokuphendulwa kwesoyi wokwakhiwa kwe-Farrier Business Park entsha ebiza u-R1.3 billion.

Le ndawo ezoba ngamamitha-skwele angu-80 000 izohlinzeka ngezindawo zokugcina impahla kanye nezinsiza ze-logistics, futhi iyingxenye yentuthuko enkulu ye-Westown eShongweni.

Lo mcimbi uphawule isigaba esisha sokuthuthukiswa kwe-Westown, okuyiphrojekthi enkulu ngaphansi kwe-Shongweni Urban Development. Le phrojekthi yenziwa ngokubambisana phakathi kukaMasipala weTheku ne-Fundamentum Property Group.

Uhlelo lwentuthuko lwesikhathi eside kulindeleke ukuthi luhehe utshalomali olungaphezu kuka-R15 billion, luphinde luguqule le ndawo ibe ngesinye sezizinda ezinkulu zomnotho nezokuthuthwa kwempahla.

Ekhuluma emcimbini, iMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, ithe le phrojekthi ikhombisa ukukhula kokuzethemba kwabatshalizimali eDurban kanye nokuzibophezela kweDolobha ekukhuliseni umnotho nasekuguquleni indlela izindawo ezakhiwe ngayo.

“Namuhla siphendula isoyi le-Farrier Business Park. Lokhu kuqinisekisa ukuthi iDolobha lizimisele ukubhekana nokuhlukana kwezindawo okwasungulwa wubandlululo. Kuphinde kukhombise ukuzibophezela kwethu ekukhuliseni umnotho weDolobha nasekwakheni amathuba emisebenzi esimeme,” kusho uXaba.

UMeya uthe uMasipala weTheku usutshale imali ecela ku-R600 million kwingqalasizinda enkulu esekela ukuthuthukiswa kwe-Westown.

Uthe lolu tshalomali lusize nokuvula indlela yokuthuthukiswa kwe-Farrier Business Park namanye amaphrojekthi akule ndawo. Inhloso wukusimamisa ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ukulwa nobubha nokungalingani kanye nokukhuthaza ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu.

UMasipala uthe uzoqhubeka nokwakha ubudlelwano phakathi kukahulumeni nezinkampani ezizimele ukuze kuguqulwe izindawo zeTheku futhi kuqiniswe isithunzi seDolobha njengendawo ekhethwayo yokutshala izimali.

INDAWO EKAHLE KWEZAMABHIZINISI NE-LOGISTICS

I-Farrier Business Park itholakala cishe ngamakhilomitha angu-1.5 ukusuka ku-N3 ngeShongweni Interchange, kanti iqhele ngamakhilomitha angu-30 ukusuka ePort of Durban.

Lokhu kuyenza ibe sendaweni ekahle kumabhizinisi adinga ukufinyelela kalula ezinhlelweni zokuthutha impahla ngaphakathi kwesifundazwe nakuzwelonke.

Le ntuthuko izohlinzeka ngezindawo esezifakelwe ingqalasizinda, ama-sectional-title units kanye nezindawo zokuqasha ezizokwakhelwa izidingo zamabhizinisi ahlukahlukene.

Isikhulu esiphezulu se-Fundamentum Development Company, uCarlos Correia, sithe i-Farrier Business Park imele isigaba esilandelayo sokukhula kwe-Westown.

Uthe ukwanda kwe-Westown sekudlulela emkhakheni wamabhizinisi ne-logistics, kuvulele izinkampani, abatshalizimali nabathuthukisi amathuba amasha endaweni ekahle futhi efinyeleleka kalula.

Njengoba i-Westown iqhubeka nokukhula idlulele ngale kwezindawo zokuthenga nezokuhlala, kulindeleke ukuthi i-Farrier Business Park iqinise indawo njenge sikhungo esibalulekile samabhizinisi nezokuthutha impahla, ihehe utshalomali, isize ekudaleni amathuba emisebenzi futhi ifake isandla ekukhuleni komnotho waseThekwini.

Umthombo: UMasipala weTheku – Marketing and Communications Directorate
 

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *