
“Ukukhulisa umnotho wasemalokishini ochumayo: Ukuxhumanisa amabhizinisi amancane nasafufusa nezimakethe kanye namathuba.”
SHEILA MHLONGO
Osomabhizinisi abasafufusa bazohlomiswa ngolwazi olusebenzayo mayelana nezimakethe, izindlela zokuthola uxhaso lwezimali kanye namathuba okuzikhulisa nokuguqula amabhizinisi abo ngesikhathi se-Business Indaba ezoba seKwaMnyandu Shopping Centre, eMlazi, mhla zi-2 ku-Okthoba 2026.
I-Business Indaba izovula ngokusemthethweni umbukiso wezinsuku ezintathu i-South Regional Durban Business Fair, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Growing Thriving Township Economies: Connecting MSMEs to Markets and Opportunities”, okusho ukuthi “Ukukhulisa umnotho wasemalokishini ochumayo: Ukuxhumanisa amabhizinisi amancane nasafufusa nezimakethe kanye namathuba.”
Lo mbukiso uzohlanganisa abakhangisi abangaphezu kuka-150 kanye nababambiqhaza ababalulekile emikhakheni eyahlukene yamabhizinisi.
Ozoqhakambisa i-Indaba nguThatiso Dube, umsunguli kanye noMqondisi Wezobuciko we-GalxBoy, ozoba yisikhulumi esiqavile. UDube uzokwabelana ngohambo lwakhe lokwakha umkhiqizo owaziwayo esukela elokishini, nokuthi wakwazi kanjani ukufinyelela ezimakethe ezintsha.
IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, izokwethula izinhlelo ezihlose ukuqinisa ukwesekwa kwamabhizinisi kanye nokuthuthukiswa komnotho wasemalokishini.
Abamele i-Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA), i-Small Enterprise Development and Finance Agency, Ithala Bank, Idwala Property Group, Vinyl Entertainment kanye nabanye ababambiqhaza bazokwabelana ngolwazi olumayelana nokutholakala koxhaso lwezimali, amathuba emikhakheni yezakhiwo, ukufinyelela ezimakethe, ukuthola amathuba okwenza umsebenzi nokuhlinzeka ngezimpahla, kanye nokukhuliswa kwamabhizinisi.
Izingxoxo zizoholwa umsakazi wodumo uLinda “Mr Magic” Sibiya.
IMINININGWANE YE-BUSINESS INDABA
Usuku: ULwesihlanu, 2 Okthoba 2026
Isikhathi: 09h00
Indawo: KwaMnyandu Shopping Centre, eMlazi
RSVP: Luthando.Ngubane@durban.gov.za
UMTHOMBO: Uphiko lwezokuMaketha nokuXhumana kuMasipala weTheku

