IMeya uXaba uhole umkhankaso wokulungisa ukuvuza kwamanzi nokuchitheka kwendle eningizimu yeTheku

Amazwibela esithombe: IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, ihole umkhankaso wokulungisa ukuchitheka kwendle nokuvuza kwamanzi e-Austerville, eMerebank, eMerewent naseLamontville. – Izithombe: Thuli Dlamini.

SHEILA MHLONGO

Njengengxenye yohlelo olusheshisiwe lokulungisa ingqalasizinda yomphakathi, iMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, ihole umkhankaso wokulethwa kwezidingongqangi ezindaweni eziseNingizimu yeTheku ngoLwesithathu lomhlaka 23 Septhemba .

Lo mkhankaso ugxile ekulungiseni ukuvuza kwamanzi nokuchitheka kwendle osekunesikhathi kuqhubeka e-Austerville, eWentworth, eMerebank, eMerewent naseLamontville. Uyingxenye yohlelo olubanzi lukaMasipala lokuthumela amathimba ochwepheshe ezindaweni ezithinteke kakhulu yilezi zinkinga.

Ngesikhathi ehlola umsebenzi, iMeya uXaba ibheke amathimba ophiko lwe-EThekwini Water and Sanitation (EWS) elungisa ingqalasizinda, evula amapayipi endle avalekile futhi ewahlanza.

“Sikuzwile ukukhathazeka kwemiphakathi ngokuvuza kwamanzi kanye nobungozi bezempilo obudalwa yindle echithekela ezindaweni zomphakathi,” kusho uXaba.

“Inhloso yethu akukhona ukulungisa inkinga okwesikhashana kuphela. Sifuna amathimba ethu abhekane ngendlela ehlelekile nomsebenzi osalele emuva, abuyisele isithunzi kubahlali futhi avikele imvelo ekungcolisweni yindle,” engeza.

UXaba uxwayise ngokuthi ukusetshenziswa kabi kwengqalasizinda yomphakathi kungenye yezimbangela ezinkulu zokuphindaphinda kokuvaleka kwamapayipi endle. Unxuse izakhamuzi ukuba zingafaki izinto ezingafanele emigodini yokuhlola amapayipi endle.

Uphinde wakhuthaza abahlali ukuba babike ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho, ngoba lokhu kuthwalisa ingqalasizinda yamanzi neyokuthuthwa kwendle umthwalo ongaphezu kwamandla ayo.

Ikhishwe uPhiko Lwezokumaketha Nezokuxhumana lukaMasipala weTheku.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *