
Caption: UbuHoli bakuMasipala weTheku obuholwa uMeya ukhansela Xyril Xaba ekanye neManenja yeDolobha uMusa Mbhele, bethule ngempumelelo umbiko omayelana nezinguquko zokuphathwa kweDolobha phambi kweKomidi lesiShayamthetho saKwaZulu-Natali le KZN COGTA
SHEILA MHLONGO
Ubuholi bukaMasipala waseThekwini, obuholwa yiMeya uKhansela Cyril Xaba kanye neMenenja yeDolobha uMusa Mbhele, buvele phambi kweKomidi loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (COGTA).
Lokhu bekuyingxenye yokulalelwa ngaphansi kwe-Section 132, lapho uMasipala ubuzochaza khona ngesimo sokuphathwa kweDolobha, ukuphathwa kwezimali kanye nokulethwa kwezidingo emphakathini.
Ukulalelwa bekuholwa nguSihlalo we-KZN COGTA Portfolio Committee, uMalani Nair, kanti bekukhona nezikhulu eziphezulu zalo Mnyango.
UMasipala wethule umbiko ochaza ngezinguquko osuzenzile kanye nenqubekela phambili emikhakheni eyahlukene.
Ukucwaningwa kwezimali
UMasipala uthe i-Auditor-General ibeke iTheku phakathi komasipala ababili kuphela abangama-metro eNingizimu Afrika abathumele izitatimende zezimali ezithembekile nezingenawo amaphutha amakhulu ngonyaka wezimali ka-2024/25.
Izinhlaka zikaMasipala, i-uShaka Marine World kanye ne-Durban ICC, zona zithole imiphumela ye-clean audit.
Isimo sezimali
UMasipala uthe sekuyiminyaka emihlanu ilandelana i-National Treasury ibheka isabelomali saseThekwini njengesithembekile, esixhaswe ngokugcwele futhi esihambisana nezinhlelo zeDolobha.
ITheku lithi liqoqa cishe u-95% wemali engenayo okufanele iqoqwe.
UMasipala uphinde wabeka eceleni u-8% wesabelomali sokusebenza ukuze usetshenziselwe ukulungisa nokunakekela ingqalasizinda.
Ezomnotho nemisebenzi
Ngokusho koMasipala, ukutshalwa kwezimali yizinkampani ezizimele kube nomthelela ekukhuleni komnotho waseThekwini.
UMasipala uthe ngokwe-Statistics South Africa Quarterly Labour Force Survey yekota yesibili ka-2026, iTheku libe nezinga eliphansi lokungasebenzi uma liqhathaniswa namanye ama-metro aseNingizimu Afrika.
Ama-akhawunti nezikweletu zikamasipala
IDolobha liphinde lachaza ukuthi liphethe cishe ama-akhawunti asebenzayo angu-930 000 njalo ngenyanga.
Ngokombiko owethulwe nguMasipala, imali engenile kuze kube manje ifinyelele ku-R48.40 billion.
UMasipala uthe usuthuthukise nezindlela zokusingatha izikhalo mayelana nama-akhawunti kanye nezinhlelo ezivumela amakhasimende ukuthi azifundele amamitha awo.
IMeya ithi kubalulekile ukuphendula emphakathini
IMeya yaseThekwini, uKhansela Cyril Xaba, ithe ukuvela phambi kweKomidi le-COGTA kukhombisa ukuzibophezela kweDolobha ekusebenzeni ngokusobala nasekuphenduleni ngendlela eliphatha ngayo izimali nezinsiza zomphakathi.
Uthe imiphumela yokucwaningwa kwezimali kanye nesimo sezimali kukhombisa ukuthi uhlelo lokulungisa ukusebenza kukaMasipala seluqala ukwakha isisekelo esingasiza ekuthuthukiseni ukulethwa kwezidingo.
IMenenja yeDolobha uMusa Mbhele yona ithe abaphathi bayaqhubeka nokuqinisa izindlela zokulawula ukusebenza ngaphakathi kuMasipala, ukuvikela impahla yeDolobha kanye nokuqinisekisa ukuthi ukusebenza kukaMasipala kuyayisekela intuthuko yezomnotho neyomphakathi.
UMasipala uthe ukugadwa nokubhekwa umsebenzi wawo yizikhungo zomthetho kubalulekile ukuze kuqiniswe ukuphathwa kahle kwezimali, kwakhiwe kabusha ukwethenjwa ngumphakathi futhi kuthuthukiswe ukulethwa kwezidingo.

