SBU MAMBA
Kubukeka sengathi umqeqeshi osemkantshubomvu uErnest Midendorp uzoyitakula iCapetown Spurs elengela ezembeni. Lensizwa edabuka eGerman ifike ngonyaka odlule ku Spurs isimo sisibi kakhulu kuleliqembu kumbulwa kwembeswa kodwa manje kushintshile ukudla epletini iSpurs isidlala ibhola elinenkosi phakathi.
UMiddendorp uthi Capetown Spurs esemsileni ku Log ye DSTV Premiership ayiyindawo , Isipiliyoni nobuhlakani balomqeqeshi
sisize iSpurs kuthi sibhaxabule usuthu olumabheshankone Amazulu FC baphinde baqumba phansi ezika Tim Sukazi i-TS Galaxy base badlala ngokulingana naMabhakabhaka i Orlando Pirates , lemiphumela emihle kanje isibuyise amathemba kubalandeli baleliqembu lase Kapa ukuthi basengalivika izembe .
UMidendorp unomlando wokutakula iqembu sekuvalwe amehlo , ngo 2015 wathatha umsebenzi ku Maritsburg United eyayiqeqeshwa uFahlu Davids isimo sibheda ku Team of Choice ihleli emsileni kodwa ngobucwepheshe bakhe wabhaxabula ezenkosi iJomo Cosmos yakwazi ukuvika izembe iMaritsburg United. Uthe akafuni ukathembisi izulu nomhlaba kodwa ngokubambisana nabadlali bakhe ngo April unethemba ukuthi iCapetown Spurs izobe isisukile emsileni we Log ku DSTV

