SBU MAMBA
Iqembu lakwaZulu Natal eligijima ku-Betway Premiership iRichards Bay lithole umqeqeshi omusha uBrandon Truter ozocija leliqembu elivike izembe sekuvalwe amehlo ngesizini edlule, uTruter uthethe izintambo kuVusumuzi Vilakazi otakule iRichards Bay sekudlalwa ama Play-Offs yagcina indawo yayo ku-Betway Premiership.
UTruter uza nesipiliyoni kuleliqembu laseKZN , lensizwa isimkantshubomvu futhi inenhlanhla yokuqeqesha amakilabhu asesigabeni esiphezulu kodwa wazakhela udumo kuDube Birds i Moroka Swallows nakuSekhukhune United , kanti umsebenzi wokuqeqesha uwuqale kubafana base Kapa i-Capetown All Stars.
I-Natal Richboys inyelwe yinyoni esandleni njengoba izoxhaswa I-Phakwe Gas kulesizini entsha ka 2024/2025 ,iPhakwe Gas isayine inkontileka yeminyaka emithathu neRichards ka R100 million wamarandi. UTruter uthengelwe abadlali abasha kuqiniswe kakhulu kubagadli nasesiwini. I-Bay isayinise umgadli ongalibheki ipali uThabiso Kutumela bese kuba uSiyethemba Sithebe emthenge kuBafana bokuthula noxolo iKaizer Chiefs , Tlakusani Mthethwa noKeagan Allan ebathenge kuMoroka Swallows , Sbani Mntungwa noFezile Gcaba , umsebenzi ka Truter ukubuyisa isithunzi se-Natal Richboys , idlale ibhola elisezingeni nokuthi iphele nya lento yokuqeda iligi emsileni.