SBU MAMBA
Iqembu lebhola lezinyawo AmaZulu lingakuqinisekisa ukuhamba kwabadlali abambalwa izinkontileka zabo ezingeke zivuselelwe futhi, ngenxa yalokho, ngeke babe yingxenye yeqembu elizodlala nomkhankaso we-Betway Premiership League ka-2025/26. Laba abadlali abalandelayo bazolishiya iqembu: uVeli Mothwa ,Andile Mbanjwa , Abbubaker Mobara , Sandile Khumalo ,Mbongeni Gumede , Kwanda Mngonyama , Ramahlwe Mphahlele, Thembela Sikhakhane , Wayde Jooste , Skhulile Manyoni , Rowan Human , Ethan Brooks Augustine Mulenga, Msindisi Kunene , Junior Dion noBoniface Haba.
UMqondisi webhola kuMaZulu FC uPedro Dias , udlulise ukubonga kubadlali abahambile: “Ngithanda ukubonga bonke labadlali ngamagalelo abo eqenjini lethu nasemphakathini, ngaphezu kwalokho iqembu lithanda ukubonga ukubuyiselwa kuka-Etiosa Ighodaro noSifiso Ngobeni eqenjini elingabazali iMamelodi Sundowns FC, ngemuva kokuphothula isikhathi sokubolekwa kwabo , sidlulisa ukubonga ku-Etiosa noSifiso ngemizamo yabo ngesikhathi benathi futhi sibafisela impumelelo emsebenzini wabo ukuya phambili,” kwengeza uDias.
AmaZulu FC nawo angakuqinisekisa ukuthi isicelo se-Orlando Pirates FC sokuthola amalungelo omdlali wasesiswini uTshepang Moremi sesamukelwe. “Sifisela uTshepang konke okuhle njengoba eqala isahluko esisha emsebenzini wakhe,” kusho uDias. Njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokuqinisa iqembu, AmaZulu FC asebenza ngokukhulu ukushesha ukuze akhe isikwati esiqinile azogadla ngaso kumasizini azayo ezinye izimemezelo mayelana nokusayinwa okusha zizokwenziwa ngokuhamba kwesikhathi ngezinkundla ezisemthethweni zeqembu. Amaqembu agijima ku-Betway Premiership amatasa athenga abadlali abasha ukulungiselela isizini entsha ka 2025/2026, abafana bokuthula noxolo iKazier Chiefs isisayinise u-Etiosa Ighodaro , aSanele Velebhayi , Thabiso Monyane , Aphiwe Baliti noPaseka Mako kanti.

