Bantu bakithi sanbonani. Ngicela ukunixwayisa ngobungozi obuqhamuka nezinkolo . Qaphelani ningadukiswa imiqondo yamanga akekho umuntu okwazi ukuxoxa noNkulunkulu . njengoba sekuvule abaningi abathi bathunywe nguNkulunkulu bathusela abantu bathi umhlaba usuyaphela abantu abakhiphe imali zabo emabhange .
Qaphelani lawomampunge akukho mhlaba oyophela futhi akukho muntu ongaziwa kulomhlaba oyobuya azophelisa umhlaba , abantu abangaziwa kulomhlaba abezayo yizingane ezingakazalwa nazo ezizophila impilo zazo emhlabeni . Okunye esikuzwayo ngamampunge ungaze ukhiphe izimali zakho ebhange uzidlalise ngenxa yalamampunge ugcine ushiya izingane zakho zingenalo ifa emhlabeni zihlupheke . Niwaqaphele amanyala ezinkolo .
Obhalayo uKatlego Nare

