SHEILA MHLONGO
Amaqembu aphikisayo abe nemibono ehlukahlukene ngenkulumo yesabelomali yesithathu kaNgqongqoshe Wezezimali, u-Enoch Godongwana. Iningi lawo limukele kahle ukuqhubeka kokuxhaswa kwabathola izibonelelo zikahulumeni, kodwa laxwayisa ngokuthi isabelomali asinazo izinguquko ezinqala ezidingekayo ukuze kusimamiswe umnotho weNingizimu Afrika.
I-DA: Ithi uNgqongqoshe uphuthelwe yithuba lokukhuthaza ukukhula komnotho nokunqamula ukusetshenziswa budedengu kwezimali zikahulumeni . Yamukele ukumiswa kokwenyuswa kwe-VAT kodwa yaxwayisa ngezindleko ezikhuphukayo zokudla nezokuhamba.
I-MKP: Ithi isabelomali sisebenzela osaziwayo be-ANC kuphela, hhayi abampofu. Iphinde yakhathazeka ngezinga lesikweletu nokuntuleka kwesu elicacile lokuvuselela umnotho.
I-EFF: Ithi lesi isabelomali sehlise ukwesekwa kwezinsiza ezibalulekile futhi asizinaki izidingo zabampofu. Ikhathazekile ngokuncishiswa kwezimali ezibhekelela ingqalasizinda nokuncipha kwamathuba emisebenzi ikakhulukazi angatholwa intsha.
I-ANC: Iyavuma ukuthi isabelomali sisekela abampofu, ikakhulukazi ngokugcina izibonelelo zikahulumeni. Iphinde yagcizelela ukuthi ukutshalwa kwezimali ezingqalasizindeni nezisebenzi ezenza imisebenzi ebalulekile kuzothuthukisa izinsiza.
I-BOSA: Yamukele usizo lwesikhashana kodwa yakhathazeka ngokuncipha kwemali yezingqalasizinda nokwakhiwa kwemisebenzi.
I-IFP: Yavuma ukugcina izinsiza zomphakathi kodwa yagxeka ukususwa kokudla okungakhokhelwa intela kanye nokwenyuka kwentela kawoyela.
I-Cosatu: Yamukele izinguquko ezithile kodwa yaxwayisa ngokuphahlazeka kukahulumeni basekhaya futhi yafuna izinguquko eziphuthumayo kwezamandla, ezokuthutha, nokusebenza kukahulumeni.
Isifingqo: Iningi lamaqembu aphikisayo liyagxeka isabelomali ngokuthi asibhekile izinguquko ezidingekayo ezweni, nakuba limukele ezinye izinyathelo ezifana nezibonelelo nezinqumo zokunganyusi intela.

