Kumele kuliwe nomkhuba wokuthunjwa kwabantu ngenhloso yokubadayisa

SHEILA HLONGO

Sezadlula lezonsuku lapho ukuthunjwa kwabantu ngenhloso yokuhweba ngabo kwakuthathwa njengobugebengu obufihlakele nobenzeka ezindaweni ezikude ezingaziwa.Esikhathini samanje, izindaba zokuthunjwa kwabantu sezivame kakhulu, futhi kungenzeka ukuthi sesihlangane nabantu abathunjiwe singazi.

Kamuva, amaphoyisa asindise abantu abangu-44 ababeboshwe endlini eGauteng. NgoMashi, kwaphunyuka abanye abangaphezu kuka-30 base-Ethiopia abasuswa endlini eLombardy East, eGoli kucatshangwa ukuthi babe yizisulu zeqembu elihweba ngabantu. NgoJanuwari, bangu-20 abanye abasindisiwe, kwathi ngo-Agasti 2024 abangu-82 baphinde batholakala eGoli.

Kuleli uMnyango wezoBudlelwano Nezangaphandle waqinisekisa ngoMashi ukuthi abangu-23 baseNingizimu Afrika basindiswe eMyanmar  bebekhohliswe ngokuthi bazothola  amathuba emisebenzi eThailand. Abantu laba babanjwa isikhathi eside ezakhiweni zobugebengu be-inthanethi eMyanmar.

UMnu Lucky Mohalaba isikhulu soMnyango Wezobulungiswa, uthe ukuhweba ngabantu kubonakala sengathi kuwusizo kodwa kuphetha ngosizi olukhulu.

Umthetho: we-Prevention and Combating of Trafficking in Persons Act, 2013 kuhloswe ngawo ukuvikela ukusiza izisulu kanye nokujezisa abenzi bobubi. Labo abatholakala, bethumba noma bethengisa umuntu ngenhloso yokumsebenzisa kabuhlungu, bephula umthetho. Ukwephula lo mthetho kungaholela kwinhlawulo engafika ku-R100 million noma ejele impilo yonke.

Imizamo Kahulumeni: Uhulumeni uye wenza imizamo ebonakalayo, efake iNingizimu Afrika kuTier 2 esitatimendeni saseMelika (TIP Report). Lokhu kubonisa ukuthi kukhona ukwanda kokuboshwa kwabathengisa ngabantu, nokuhlinzekwa kwezindlu zokuhlala kwezisulu.

Kuhlanganiswe iKomidi Lezobambiswano Elingaphakathi kuHulumeni, kuhlanganise nezinhlaka ezifana ne-Border Management Authority ne-Financial Intelligence Centre.

Isiphetho: INingizimu Afrika izibophezele ekuvikeleni nasekusizeni izisulu, kanye nasekushushiseni abenzi bobubi. Kusiza kakhulu ukubambisana phakathi kukahulumeni, umphakathi nezinhlangano ezizimele. Iziphathimandla zikhuthaza umphakathi ukuba uqaphele izimpawu zokuhweba ngabantu ezindaweni zabo futhi babike lapho kukhona okungajwayelekile abakubonayo. — SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *