Iyinzukayikeyi eyeMbabane Highlanders FC no Shauwn Mkhize

SHEILA MHLONGO

Iyinzukayikeyi eyeMbabane  Highlanders AM   nosomabhizinisi waseNingizimu Shaun Mamkhize,  u-Alfred Ally Kgomongwe uselufakele izibuko udaba  lukaShauwn Mkhize lokuthatha  izikhondlakhondla zase-Eswatini iMbabane Highlanders. UKgomongwe, oke wabamba izintambo kuHighlanders, uphonsela inselelo ubuholi bukaBheki Simelane futhi uyakungabaza ukubandakanyeka kukaMaMkhize, osanda kwethulwa njengomengameli omusha weqembu. Ngemuva kwalokho, leli qembu laqanjwa ngokuthi iMbabane Highlanders AM ukuze kuhlonishwe amagama okuqala endodana yalo somabhizinisi, u-Andile Mpisane.

UKgomongwe, ophinde abe ngumnikazi we-Extension Gunners yaseBotswana, umile kwelokuthi uphethe u-80% wamasheya eHighlanders futhi uzwakalise ukukhathazeka ngalokho akusho ngokushintsha okungabazekayo kumqondisi weqembu kuSimelane.

Engxoxweni, uKgomongwe uthe ungumnikazi weqembu u-80%, kanti ezinye izikhulu ezimbili zaseSwazini ziphethe u-20%. “Ngiyabona kukhona ukudideka ukuthi ngubani ngempela umnikazi weMbabane Highlanders FC.Yimi umnikazi walelo qembu.” usho kanje. “Ngakho-ke angiqondi ukuthi kungani uMnu. Rubber Simelane efuna isinxephezelo sika-R1 million ekubeni iqembu kungelona elakhe. Iqembu lami. Ngisho noma iMbabane Highlanders inganqoba  iCAF Champions League nanoma iyiphi indebe, umklomelo ngeke uye kuRubber Simelane, kodwa kuzoba ukuthi yimina umnikazi nomqondisi osemthethweni weMbabane Highlanders.”

OKUSHIWO IMBABANE HIGHLANDERS NGALESI SIMO

Siphendula ngalezi zinsolo, isiphathamandla seHighlanders uLington Gule uthe uKgomongwe kungenzeka unobudlelwano neMbabane Highlanders Ltd, kodwa hhayi iqembu lebhola uqobo. “UMnu Simelane akabambelele emandleni. Ufuna ukunxeshezelwa ngamagalelo akhe ezimali. Awuzihoxisi izinkontileka ngaphandle kokuhlonipha izibopho.” kusho uGule.

UGule uqhube wathi uSimelane uzimisele ngokudlulisela ukulawula kuKgomongwe noma kuMkhize, kodwa kuphela uma kuhlangatshezwana nezivumelwano ezithile zangaphambili. Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule isikhulu esiphezulu se-Eswatini Premiership Soccer League [EPSL] uPat Vilakati uthe ubengakakhululeki ukuphawula ngalolu daba

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *