ZAMA MAJOLA
Ibhodi leNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) lidlulise amazwi okuhalalisela uNgqongqoshe Buti Manamela kanye nePhini likaNgqongqoshe uNomusa Dube-Ncube ngokuqokwa kwabo njengoNgqongqoshe kanye nePhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme Nokuqeqesha.
Ibhodi liyathemba ukuthi ubuholi bukaNgqongqoshe uManamela buzogqugquzela inqubekelaphambili nempumelelo kubafundi baseNingizimu Afrika. Bagcizelele nokuthi babheke ngabomvu ukusebenzisana eduze noNgqongqoshe ukuze kuthuthukiswe imfundo ephakeme, efinyelelekayo nesezingeni eliphezulu kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Ibhodi liphinde lahalalisela iPhini likaNgqongqoshe uNksz. Nomusa Dube-Ncube ngokuqokwa kwakhe njengePhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha. Ulwazi lwakhe olunzulu nokuzinikela kwakhe okungantengantengi ngokungangabazeki kuzothuthukisa imizamo yomnyango yokweseka abafundi nezikhungo ezweni lonke. I-NSFAS isalokhu izinikele ekwesekeni umbono woMnyango kanye nombono kahulumeni wokuguqula imfundo ephakeme ngokusebenzisa izisombululo zezimali ezintsha kanye nezinqubomgomo ezibandakanya bonke abantu. Ibhodi libheke ngabomvu ukusebenzisana noNgqongqoshe kanye nePhini likaNgqongqoshe ukufeza lezi zinhloso ezibalulekile.

