IPhinde yaqopha umlando i-Orlando Pirates ithathaiMTN8 okwesine kulandelana

SBU MAMBA

Ezimnyama ngenkani ezikaMagebhula ezagebhula umhlaba kaMasipala zawubhekisa
phezulu iOrlando Pirates ijabulise abalandeli italabha abafana base Stellenbosch
ngo 3-0 yakhala yemuka nesamba sika R10 millinon wamarandi , umdlalo uphele ngo 0-0
emizuzwuni engu 90 , iPirates inqobe lomdlalo esikhathini esengeziwe kanti amagoli amathathu ashaywe uTsepang Moremi (amabili) no Thegofatso Mabasa , umdlalo ubuse Mbombela Stadium eMpumalanga .

Isiwombe sokuqala besiphethwe yi-Pirates kanti esesibili besiphethwe yi Stellenbosch kodwa okusize amabhakabhaka kakhulu kulomdlalo izinguquko ezenziwe umqeqeshi
u-Abdeslam Ouaddou (Extra time) ekhipha uSipho Mbule , uThabiso Libitso no Thalente Mbatha , lezinguquko zithele izithelo njengoba kungaphelanga ngisho imizuzu emihlanu bengenile yathola igoli layo lokuqala iPirates elishaywe uTsepang Moremi esuka ebhentshini.

UMqeqeshi wamabhakabhaka u-Abdeslam Ouaddou ngowesine ukunqoba I-MT8 ngesizini yakhe yokuqala neqembu le-Premier Soccer League (PSL) kanti abanye abanye abaqeqeshi asebeke benza lokhu uKaitano Tembo , esacija iqembu lase Pitoli Amatsantsatsa iSupersport United , uJosef Zinnbauer elolonga i-Orlando Pirates , u-Ouaddou no-Rulani Mokwena eqeqesha iKaboyellow Masandawana iMamelodi Sundowns.

Kanti bezipophele kanje lezinkunzi ezimbili soqala nge Orlando Pirates : Chaine , Seema , Mbokazi , Hotto, Lebitso , Nduli , Mbatha , Mbule , Sebelele, Mofokeng noMakgopa , ezase Stellebosch bezigadla ngo Stephens emapalini , Moloisane , Stanic , Kazie , Mdaka , Mthiyane , Palace , De Jong , Titus , Barns no Mojela

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *