Isazi wezezimali uZihaad Israfil CEO we-CFI South Africa uthi iNyanga yamagugu akumele ibonwe njengokubuyela emuva kuphela kodwa njengefa esilidlulisela esizukulwaneni. Uthe umkhuba wethu wezezimali kanye nolwazi lwethu kumele kube yingxenye yefa.
Eziningi izizwe zaseNingizimu Afrika zithola ifa elingaphelele ngenxa yokungabi nolwazi lwezezimali ngezinye izikhathi kuze kudluliselwe nezikweletu. Ukuqeda lokhu kudingeka izinqumo ezincane esizenzayo.
Uphakamise izindlela ezinhlanu zokukhulisa ifa lezezimali:
- Xoxani ekhaya ngezimali – imfundiso iqala emndenini.
- Bhalani izindleko – ukuze nibone lapho imali iphela khona.
- Bekani izinhloso ndawonye – njengeholide noma imali yesikole.
- Fundani izinto ezintsha – kusukela ekubhalanseni ibhajethi kuya ekutshaleni imali.
- Yabelanani ngolwazi – ukusiza abangani, osebenza nabo nomphakathi.
Uthe amandla empumelelo awaveli enanini olitholayo kodwa endleleni oyisebenzisa ngayo. Izinyathelo ezincane, ezenziwa njalo zingaguqula impilo yomndeni.
Uphinde waveza ukuthi iNyanga yamagugu imkhumbuza ukuthi ifa eliyigugu kakhulu akuyona imali kuphela kodwa yikhono, isibindi nolwazi lokuphatha imali ngobuhlakani. Lokhu kuyifa elizokwenza isizukulwane esilandelayo sikwazi ukuhamba phambili.

