UHappiness Msweli Kwamakhanya area Kwamhlabuyalingana usho kanje”Into engingabaqhwashisa ngayo ukungabi luvanzi ezindaweni zophuzo oludakwayo ngezikhathi zasebusuku,ukungbi nabangani abaningi umuntu ebe nabangani ababili noma oyedwa okunye ukungazibukeli phansi ngobuyena.
Izingqinamba abambekana nazo ukubizwa ngamagama,uma usafunda kuba nzima ukubhekana nomsebenzi osuke ubhalwe ebhodini, ukungathathwa njengawowonke umuntu, ukumelana nalezi izimo kumele uqale uzazi ukuthi ufunani futhi ubhekephi, ukuzithanda wena kuqala ukuze nabanye bezokuthanda kanye nokukwazi ukuzivikela nokuzilwela, uxhaso esingaluthokozela ukufundisa abantu nezingane ngabantu abaphila ne-Albinism, ukuxhasa abafundayo ngezibuko nezincwadi nezinto zokugcobisa ukuze avikeleke elangeni.
Ngoba kusehlobo asikwazi ukusebenza elangeni isikhathi eside kanti namehlo ethu awazwani nelanga kudinga sengathi singahlezi sisendaweni ethokomele engashisi kakhulu. Ngifisa ukuzivulela elami ibhizinisi lokuthunga noma i-Internet Cafe ongathanda kungisiza, WhatsApp / Call: 064 7431 409 noma facebook: Happiness Msweli.

