IChiefs izocijwa uKhalil Ben Youssef  noCedrik Kaze  kuze kube sekupheleni kwesizini ka-2025/2026

SBU MAMBA

I-Kaizer Chiefs Amakhosi asephefeni abafana bokuthula noxolo imemezele ukuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi uselishiyile leliqembu lase Naturena kodwa amasekela akhe uMnu.Khalil Ben Youssef noCedric Kaze bazoqhubeka nomsebenzi wokucija iChiefs kuze  kube sekupheleni kwesizini entsha. uNabi ujabulise abalandeli ewina isicoco se-Nedbank ngesizini yakhe yokuqala kanti nesizini entsha ka-2025/2026 uyiqale kahle kakhulu ewina imidlalo emine kulandelana. 

Umfoka Nabi udlulise ukubonga kakhulu kuChiefs, ubuholi bayo, kubalandeli, amasekela nabasebenzi ngokumeseka ngesikhathi sakhe eqenjini, Impela yisikhungo enisakhile futhi ngizohlala ngizigqaja ngokuphila kwami ngigqoke imibala yegolide nemnyama. Ngibonge nakubaphathi. “Kubasekeli beqiniso: ngiyabonga ngokwethembeka kwenu nokholo lwenu kulo msebenzi. Ukwesekwa kwenu bekubaluleke kakhulu, ningamandla eqiniso eqembu. Nginithembise iqembu eliqhudelana kakhulu endaweni nasezwenikazi, manje senisondele kakhulu ekufezeni lokho.

“Siyabonga ku-Safi Majdi no-Elyes Mzoughi ngomsebenzi wenu, intshiseko yenu, ukwethembeka kwenu kanye nokwesekwa kwenu. Kube yintokozo ukusebenza nani. “Ngiyabonga kubahlaziyi uYusha, Mark, noVaughan ngayo yonke imizamo yenu nenhlonipho eninginike yona. “Siyabonga kodokotela, ama-physiotherapist, abaphathi bezimpahla, abapheki, abasebenzi bokuphatha, njll. Nenze umsebenzi wethu waba lula nsuku zonke. “Ngibonga kakhulu kubadlali beqembu uDkt. Khumalo, Siphiwe Tshabalala, Umqeqeshi u-Arthur Zwane abangemukele, bangiphatha kahle futhi bengisekela njalo, ebuhleni nasezikhathini ezimbi. Ngahlonishwa. “Ngihamba ngokuzigqaja ngokuthi ngigqoke le mibala yegolide nemnyama, kubonga uNabi 

IKazier Chiefs izogadulisana ne-AS Simba yase Congo emqhudelwaneni wase Africa we- Confederation Cup, umlenze wokuqala uzodlalelwa eStade TP Mazembe, Lubumbashi Stadium bese umlenze wesibili udlalelwe eFNB Stadium eGoli kanti emdlalweni weligi ( Betway Premiership ) olandelayo izobhekana nezinsizwa zase Freestate Isiwelele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *