ZAMA MAJOLA
Umholi we-EFF uJulius Malema usenxuse uhulumeni ukuthi akwenze kube semthethweni ukudayisa ngomzimba. Ekhuluma nabalandeli beqembu embuthanweni woSuku Lwabesifazane eMpumalanga, uMalema uthe abadayisa ngomzimba bafanelwe ukuthola ukuvikelwa yiziphathimandla zomthetho, okuhlanganisa nokuvulela abadlwenguli amacala noma ezinye izinhlobo zabahlukumezi ngaphandle kokungahlonishwa kwamaphoyisa. “Uhulumeni kumele agunyaze ukudayisa ngomzimba, ukudayisa ngomzimba umsebenzi omdala kunayo yonke emhlabeni futhi bakhona abasebenza kuwo, asibahloniphe labo bantu nabo kumele babe nesivikelo namalungelo abasebenzi,” usho kanje.
Kube nenkulumompikiswano eqhubekayo mayelana nokugunyazwa ngokusemthethweni ukudayisa ngomzimba ukuze kuthuthukiswe impilo nokuphepha kwabadayisa ngomzimba futhi kuvikelwe amalungelo abo. Ngo-2022, ikhabhinethi yagunyaza ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wobugebengu (Amacala Ocansi Nezindaba Ezihlobene) mayelana nokuhoxiswa komsebenzi wocansi ukuze umphakathi uphawule ngawo. Ukuphasiswa kwalo mthethosivivinywa kumile.
UMalema uthe bonke abesifazane kumele bavikeleke ekubeni yizisulu zokuhlukunyezwa. “Kumele siqinisekise ukuthi sivikela abesifazane bethu kuyo yonke indawo esikuyo. Abesifazane bayadlwengulwa emasontweni, ezikoleni, ezindaweni zokusebenza nasezindaweni zomphakathi. Abazidlwenguli bona – badlwengulwa amadoda. Amadoda kufanele asukume futhi ngokusukuma akumele wenze lutho vele uyeke ukudlwengula abesifazane.”
Unxuse abesilisa ukuthi basukume balwe nokuhlukunyezwa ngokobulili, wathi: “Asiwafuni amadoda angamagwala, asaba abantu abalingana nobulili bawo, ahambe ayosebenzisa amandla awo kwabesifazane abangenamandla, akekho owesilisa okufanele abeke isandla kumuntu wesifazane asibavikele, sibahloniphe futhi sibahlinzeke ngezinto abazidingayo”.

