Sanibonani sizwe sakithi, ake sicaphune nalu olunye uketshezana lolwazi , bantu bakithi kubalulekile ukuzilula imizimba yethu, ezinye izifo ziyawathola amandla uma singayiluli imizimba yethu ngoba sidla ukudla okunezinto eziningi okunye kwandisa amafutha emzimbeni bese afake inhliziyo engcupheni.
Masizifundiseni ukulula imizimba yethu ungawaqedi amasonto amabili ungakaze wagijima noma wahamba ibanga elide kancane ngezinyawo ujuluke kwehle amafutha emzimbeni. Ezinye izifo nemithi yasemtholampilo igcina ihluleka ukukusiza kuzo ngoba umzimba unezinto eziningi ezidalwe ukungazi vocavoci ekubeni sibe sidla izinto ezineziqu eziningi. Masiyinakekele imizimba yethu ukuze siphephe kwezinye izifo .
Obhalayo uKatlego Nare

