THOBILE MBATHA
Ubeyimpumelelo enkulu umcimbi wephephandaba lomphakathi elingenzinzuzo iKZN Namuhla Community Newspaper ophinde abe uMhleli womcimbi i-KZN Namuhla Artists Awards.
Ekhuluma nentatheli yeKZN uMhleli uthe, “ Ngidlulisa ukubonga okukhulu kakhulu kubona bonke abenze umcimbi wamaCiko waba impumelelo esezingeni eliphezulu
Sizizwa sithobekile kakhulu ngezincomo ezivela kubahambeli bomcimbi ebebehlanganyele nathi. Ngizodlulisa ukubonga ithimba lonke leKZN Namuhla ebelikanye nathi sibambisene kwaze kwaba sekugcineni, amanxusa ethu abambe elikhulu iqhaza ekubeni lomcimbi ubesezingeni elifanele.” esho
“Ngidlulisa ukubonga kubona bonke abafake izithukuthuku zabo ukuze engikuhlelile kufike ezingeni lokuhlonipheka ngendlela okugcine sekuyikho ngivele ngathobeka kakhulu ukubona Isilo INgonyama yabaThethwa Ingonyama Trust, INkosi uDK Ndlela Impendle Royalty kanjalo nabaNtwana baseNdlunkulu ebebehamba nabo ilapho engibone khona ukuthi iphupho alifi umnikazi esaphila lokho kuvele nangenkathi kusina kudedelana abaholi bezeNkolo abehlukene behlonishwa ngezindondo kanjalo nabaHoli boMphakathi nezamabhizinisi, nento okuhlala kuyisifiso sami ukuthi kekuhlangane abaholi abahlukene bomphakathi ukuze siqhubeke nokuthuthukisa umphakathi ngezindlela ezahluhlukene.”
Sizokhumbula ukuthi uMsunguli wePhephandaba lomphakathi akagcini ngokubhalela amaCiko mahhala kepha uphinde enze into eyigugu elikhulu etsheni ukuyinika uqeqesho (Inservice Training) lokhu ukwenza ngaphandle kokulindela okuthile noma ukuthola uxhaso oluthile kepha ziningi izitshudeni asezisizile engakhethi muntu uma nje udinga isipiliyoni ukufaka emkhakheni okufanele njengoMhleli ukubala amaCourse awasiza kakhulu ilawa Journalist, Public Relations, Admin, Graphic and Design Business management, Marketing kanye neCommunications nokuyinto ekhombayo ukuthi uzinikele ekusebenzisaneni netsha nokuthuthukisa amakhono ayo.
Esephetha uthe, “ Ngiyafisa ukuqhubeka nokuthuthukisa amaprofiles amaCiko kanye nokuthuthukisa umcimbi wamaCiko njengoba ngonyaka ka2026 sizobe sithi 5th Annual into engangijabulisa ukuthola uxhaso lwemali, indawo kanjalo nokuthi uHulumeni angenelele kulomdlalo omuhle kangaka wothuthukisa umculo walabo abangakaveleli kepha nabo bazizwe behlonishwa okunye sicela uMkhandlu weTheku usisize ngendawo evulelekile ukuze konke esikwenzayo kuzoba sendaweni enhle nefanele”.

