ZAMA MAJOLA
I-ANCWL ibibambe inkulumo yesikhumbuzo sikaGertrude Shope e-Akasia Community Hall ngomhlaka 24 ku-Agasti. Ilungu le-NEC ye-African National Congress Women’s League (ANCWL), u-Boitumelo Moiloa, uthi lolu phiko manje selumela uMengameli wesifazane.
Ekhuluma esifundweni sesikhumbuzo e-Akasia, ePitoli, sokuhlonipha isishoshovu se-ANC esingasekho, uGertrude Shope, obezohlanganisa iminyaka engu-100 kulo nyaka, uMoiloa uthi ukuthungathwa komholi wesifazane ngeke kugcine kulolu phiko kodwa kuzobheka abesifazane eNingizimu Afrika yonkana. IPhini likaNobhala Jikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, lithi abesifazane eqenjini kumele banikezwe ithuba lokuhola omasipala basemadolobheni hhayi nje njengoSomlomo kodwa njengezimeya. UMokonyane uthi abesifazane ku-ANC kumele manje babambe izintambo zokuhola izikhundla ukuze kuhlonishwe uMam Shope.
Umakadebona we-ANC uDkt Naledi Pandor uthulela isigqoko umufi uGertrude Shope ‘njengomholi ongesabi’ owanikela impilo yakhe ekulinganeni kwabesifazane kanye nasenkululekweni yaseNingizimu Afrika. UPandor ukhombise iqhaza likaShope kuMashi Yabesifazane yango-1956 eyingqophamlando, ethi akakaze afune ukuhlonishwa noma ingcebo, kodwa wafuna inkululeko kuphela.
Uphawula ukuthi uShope ubekwazi ukwehluleka kukahulumeni njengamanje kodwa ezibophezele ekuziphenduleleni nasekuhlonipheni. UPandor unxusa abesifazane abasebasha ukuthi baqhubekisele phambili ifa likaShope, wabakhumbuza nokuthi abesifazane bangabashayeli ababalulekile bomphakathi futhi kumele baqhubeke nokubumba i-ajenda yentuthuko ye-Afrika.

