Sanibonani muzi wakithi onsundu, sesibheke osukwini olukhulu lokugubha amasiko ethu anginikhuthaze ngokubaluleka kwamasiko , usiko lomuntu lungumuntu uqobo lwakhe qaphelani izinkolelo ze ezifundisa ukuthi kuwubudimoni ukugubha imiKhosi yaMasiko nokwenza amasiko ethu . Masikuthokozeleni ukwenza amasiko ethu sazi imvelaphi yethu .
Umuntu ongayazi imvelaphi yakhe ulula ukukhohliseka kudlalwe ngaye. Uma siqhubeka siqhelelana namasiko ethu sisayoqhubeka sidlalwe ngabantu basenzise izinto ezishaqisayo ngemizimba nezithusayo egameni likamoya nomdali . Masingawalahli amasiko wethu.
Obhalayo uKatlego Nare

