ZAMA MAJOLA
UMnyango Wezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka (i-DWYPD) usunxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzisane ekwakheni izindawo eziphephile lapho abantu abane-albinism bengaphila ngesithunzi futhi ngaphandle kokwesaba. Lesi sikhalo siza njengoba leli lizwe ligubha inyanga kazwelonke yokuqwashisa nge-albinism, egujwa minyaka yonke ngo-Septhemba ukuze kuliwe nokucwaswa, nokuvikela amalungelo abantu abaphila ne-albinism. I-Albinism iyisimo esingavamile, esitholakala ngofuzo esithinta ukukhiqizwa kwe-melanin, i-pigment enesibopho sokufaka imibala esikhumbeni, ezinweleni namehlweni.
Umkhankaso walo nyaka wokuqwashisa ubekwe ngaphansi kwendikimba ethi “Demanding Our Rights: Protect Our Skin, Preserve Our Lives.” UNgqongqoshe we-DWYPD, uSindisiwe Chikunga, ugcizelele ukuthi abantu abane-albinism ababhekene nezinselelo zempilo kuphela, njengokuzwela ilanga nokukhubazeka kwamehlo, kodwa nokucwaswa okulimazayo kanye nodlame. “Le nyanga inikeza abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuqwashisa abantu ngamaqiniso ngokuphila ne-albinism.” kusho uChikunga. UNgqongqoshe uphinde wagcizelela ukubaluleka kokugqugquzela ukuvikelwa kwabantu abane-albinism ekubandlululweni, ekuxhashazweni nasekuhlushweni. “Ngemizamo yokubambisana, imikhankaso yokuqwashisa kanye nokumela, singakha umphakathi lapho ukwahlukahlukana kwamukelwa, amalungelo ehlonishwa futhi wonke umuntu kungakhathaliseki ibala lesikhumba noma isimo aziswa.
Sisonke, masimele ukulingana, nokuvikelwa kwabantu abangama-albino. Sicela zonke izakhamizi, imiphakathi, izikole, izikhungo zezenkolo nezinkampani ezizimele ukuthi babumbane ekudaleni izindawo ezibandakanyayo neziphephile lapho abantu abane-albinism bengaphila ngesithunzi futhi ngaphandle kokwesaba,” kusho uChikunga. Umnyango uphinde wanxusa bonke ababambiqhaza ukuthi bahambisane nesimemezelo sokuvikelwa kwabantu abane-albinism, esamukelwe ngonyaka ka-2024 engqungqutheleni ye-SADC e-Harare, eZimbabwe. Lesi simemezelo sikhombisa ukuzibophezela kohulumeni ukuvikela amalungelo abantu abane-albinism ababhekene nokuhlaselwa okuningi okusukela ekuthunjweni, ukubulawa, ukucwaswa kanye nokushushumbiswa. – SAnews.gov.za

