UPhumzile Mtshali EMhlabuyalingana eManguzi usho kanje, “Engingaqwashisa ngakho abantu abafana nami zithande, ukuze abantu bakwamkele njengoba uthe ukuhluka kunabo ukuze bakuthande qala wena uzithande, be proud of you, your skin usinakekele iSkin or ibala onalo. Zamkele njengoba unjalo ayikho into esazoshintsha so kubalulekile ukuzamkela nabantu bazokwamkela stay away from the sun, ungahambi uzifaka noma ikuphi. Qaphela ungahambi noma ikuphi noma ubani, ungadli or uphuze noma yini, ungazitholi usezndaweni la ongaba sengozini khona. Uma uzophuma endlini noma ekhaya tshela omethembayo ungamane unyamalale kungaziwa ukuthi uyephi nobani.
Izingqinamba esibhekana nazo, Kusenzima kwabanye abantu ukusamkela ngenxa yokuswela ulwazi nabo kuba nzima kubo ukuphilisana kahle nathi ikakhulukaz ezikoleni, emsebenzini nasemiphakathini. Skin care issue njengoba sihlala emakhaya izimo secular sinyuke kakhulu ilanga liyashisa sikuthola kunzima ukunakekela ngendlela isikhumba sethu. Eminye iminyango ayikakaqondi ukuthi singaphansi kwabantu abakhubazekile njengoba singaboni kahle emehlweni izinto ezimayelana nabakhubazekile siyakhishwa kuzo kuze kube siyachaza ngokukhubazeka kwethu nakhona kube ngathi akuzwakali kahle. Kubantwana abasafundayo kunzima njengoba sinenkinga yamehlo uhlelo lokunakekelwa kokufunda kwethu luhamba kancane.
Uxhaso esilufisayo ukulekelelwa ngokwenza ama-Awareness ezikolweni, emiphakathini siyofundisa abantu ngathi ukuze bazosazi kancono khona kuzoba lula ukuphilisana nathi. Umnyango wezempilo sicela usinakekele nathi ikakhulukazi emkhaya izibhedlela namaClinic zibekhona izinsiza zokunakekela isikhumba sethu njengoba nasemakhemisi ziyabiza nendaba yezibuko zokufunda nezelanga kulungiswe lezozinto. Umnyango wezemfundo ubambisane nowezempilo kuthathwe isinyathelo sokuyofundisa ezikoleni ngomuntu onebala elimhlophe ukuze kubelula ngoba asifeyili ngoba singahlakaniphile inkinga akufundeki kahle njengoba sinenkinga yamehlo. Kungasithokozisa ukulekelelwa ekutheni sizithuthukise nathi sixhaswe kwiNhlangano esinazo namabhizinisi ethu njengoba sikuthola kunzima ukuqashwa.
Kunzima njengoba lishisa siyalimama emehlweni imithambo yamehlo iyafa singasakwazi nokubona, isikhumba siyasha ngandlela yokuthi nesikugcobisayo kungasazweli kahle. Ziningi kakhulu izifiso kodwa kuzozonke ukuzimela ngibe owesifazane onezinto zakhe ofisa sixhumane, Facebook: Phumzile Mtshali, WhatsApp: 079 4767 034 naku Tiktok :Phumzile Mtshali phiw’uvanilla.

