USamkelisiwe Hlatshwayo KZN KwaMhlabuyalingana, Kwangwanase 3973, Ekuthukuzeni Area usho kanje, “Ngingabaqhwashisa ngokuthi bazivikele bengahambi bathemba abantu ngaphandle, inkinga esibhekana nayo eyokungaboni kahle emehlweni ikakhulukazi kulaba abafundayo kubanzima ngoba abanye othisha abafundisekile ngabantu abaphila ne-Albinism.
Ukumelana nezingqinamba nazo ukuthi kubekhona Organisation ebamelayo ebakhulumelayo uxhaso kungaba ukuthi ezikoleni sicela bonke othisha abanabantwna abane-Albinism banyuselwe font size or Text size nabo othisha sicela isineke kakhulu. Njengoba kusehlobo ilanga liyasilimaza kakhulu alibekezeleleki lidala skin cancer okungumdlavuza.
Engifisa kukufeza iphupho lami lokuthi wonke umuntu izinduna, amaphosyisa endawo kanye nabanye othisha bafundiseke nge- Albinism. Singaxhumana WhatsApp / Call: 082 8371 987 nakuFacebook: Re Amohelehile.”

