ZAMA MAJOLA
Umbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) usunxuse imiphakathi ukuthi ibumbane ekuvikeleni abantu abadala futhi isukume ibike ngokuhlukunyezwa kwabo. “I-SAPS iphoqelekile futhi igunyazwe nguMthethosisekelo kanye noMthetho Wabantu Abadala, wango-2006, ukuqinisekisa ukuvikelwa kwabo bonke abantu abadala kanye nokubhekana nempumelelo nosizi lwabo nokubanika amandla nokubavikela,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.
I-SAPS ithe ukuhlukunyezwa kwabantu abadala kuyinto ekhulayo kuwo wonke umphakathi futhi kunezinhlobo eziningi, njengodlame, ukungakwazi ukuthola izinsiza, ukuhlukunyezwa ngokomzimba, ukuhlukunyezwa ngokomqondo, ukuhlukunyezwa ngokwezimali kanye nokunganakwa. Umhlukumezi kungenzeka kube yisihlobo, umlingani, umnakekeli, ivolontiya, umakhelwane, umngani noma umuntu angamazi.
- SAPS ikhuthaze umphakathi ukuthi ubheke izindlela zokuqinisekisa ukuphepha kwabantu abadala. Ukunqanda ukuhlukunyezwa kwabantu asebekhulile, kudingeka indlela yezinhlaka eziningi kanye nokusebenzisana komphakathi neminyango kahulumeni efana noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uMnyango Wezempilo kanye nalabo abasohlelweni lobulungiswa bobugebengu.
Noma ngubani osola ukuthi umuntu omdala uyahlukunyezwa noma uke walinyazwa uyanxuswa ukuba abike udaba esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele ngokushesha inombolo ye-SAPS Crime Stop ku-08600 10111 noma asebenzise i-MySAPS App noma abikele usonhlalakahle. Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa ngokuyimfihlo.

