UHlabisa uthe kumele u-80% wemisebenzi ugcinelwe abantu baseNingizimu Afrika

ZAMA MAJOLA

UMengameli we-IFP, uMnu. Velenkosini Hlabisa, usenxuse ukuthi abantu baseNingizimu Afrika babekwe eqhulwini ukuze baqasheke. Unxuse izinkampani ukuthi zigcinele izakhamuzi okungenani izikhala ezingu-80%. “ Ikusasa lezwe lethu lincike ethubeni esilidalela intsha yethu, abantu besifazane, kanye nabanikazi bamabhizinisi amancane. Ngoba kulapho abantu baseNingizimu Afrika bephumelela khona kanti ilapho nesizwe sethu singaphumelela kalula”. UHlabisa udlulise lokhu emgubhweni weminyaka engu-50 weqembu eJabulani Amphitheatre eSoweto.

Usebenzise inkulumo yakhe ukudingida udaba lokufika kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho, akholwa wukuthi luyinkinga yezokuphepha kwezwe.  " Ngeke sivumele inkinga yokufuduka kwabantu ngokungemthetho ukuthi ibukele phansi ubukhosi nokuvikeleka kwethu. Sicela zonke izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane zisebenzisa zonke izindlela zasekhaya ukuze kubuyiselwe labo abalapha eNingizimu Afrika ngokungemthetho futhi kuvikelwe imingcele nemiphakathi yaseNingizimu Afrika. UHlabisa uphinde wathi udlame olubhekiswe kubulili kumele luthathwe njengesimo esiphuthumayo sikazwelonke. Uthe imithetho mayelana nokushushiswa kwabenzi bobubi kumele kubuyekezwe. " Abesifazane bawumgogodla womnotho wethu futhi sinesibopho sokuqinisekisa ukuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane luthathwa njengesitha sawo wonke umuntu wesilisa" kusho uMengameli Hlabisa.
SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *