ZAMA MAJOLA
UMasipala weTheku usunxuse abantu abasha ukuthi babambe iqhaza elikhulu ekubhekaneni nenselelo ebhebhethekayo yodlame nokubulawa kwabesifazane (GBVF). Umasipala uveze leli khwelo ngesikhathi idolobha lethula ngokusemthethweni umkhankaso waminyaka yonke wezinsuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, eningizimu yeTheku. Lo mcimbi ubeke iphimbo eliqinile lobumbano, ukuziphendulela, kanye nokuzibophezela ngokubambisana ekuvikeleni abesifazane nezingane kuwo wonke umasipala. Uhlelo luqale ngokuvakashela esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ukuyohlola izinsiza ezikhona zokweseka abesifazane nezingane. Ukuvakasha kuphinde kwafuna ukuqwashisa ngokuthi imiphakathi kanye nezisulu bangabika kanjani ukwephulwa komthetho futhi bathole usizo oludingekayo.
Ubuholi bukamasipala, buhambisana nabamele izikhungo zikahulumeni nezinkampani ezizimele, babuthana ukudingida ukungenelela okunomthelela kanye namasu okulwa nesihlava sodlame olubhekiswe kubulili kumasipala wonke. Enanela ikhwelo likazwelonke lokubumbana ekulweni ne-GBVF, iPhini leMeya yeTheku uZandile Myeni, unxuse intsha yaseMlazi ukuthi ibambe iqhaza elibonakalayo ekunqandeni udlame waphinde wakhuthaza imindeni ukuthi ibambane. “Silapha ukuzonanela umlayezo kaMongameli wokuthi Udlame Olusekelwe Ngokobulili Nokubulawa Kwabesifazane kuyisimo esibucayi. Ukugcinwa komthetho kukodwa ngeke kuqede i-GBVF ngaphandle kokusekelwa imindeni, amasonto, nomphakathi ngobubanzi. I-GBVF ithinta abantu bazo zonke izinhlanga, ubulili, nezizinda,” kusho iPhini leMeya. USihlalo weCommunity Services Committee, uZama Sokhabase, ukugcizelele ukuthi udlame nokubulawa kwabantu besifazane kusephakathi kwezigameko zokuphulwa kwamalungelo abantu okuthinta abesifazane nezingane eNingizimu Afrika. “Asisebenze ngokubambisana ukunqanda udlame olubhekiswe kwabesifazane,” kunxusa uSokhabase.

