ZAMA MAJOLA
Ucwaningo olwenziwe emadolobheni amathathu okuhlanganisa neTheku, luveze ukuthi abesifazane babona ukungasebenzi njengenselelo enkulu ababhekene nayo. Inhlangano engenzi nzuzo iSouth African National Zakah Fund isikhiphe imiphumela yocwaningo elwenzile ngenyanga yabesifazane. Isikhulu se-SANZAF, u-Yasmina Francke, sithe lolu cwaningo, beluhlose ukuqonda ukuthi abantu besifazane bafuna ukuthuthukiswa kanjani. “Babalelwa ku-120 abesifazane ababambe iqhaza kulolu cwaningo, kanti u-62% wabesifazane babona ukungasebenzi njengenselelo enkulu. Ngesikhathi sibabuza ukuthi baqashiwe noma abaqashiwe, u-46% wabo ubengasebenzi, baphinde babona sengathi u-55% wabaphendulile ubalule izinkinga zezimali, u-38% uveze udlame oluhambisana no-7%. njengezithiyo zokuvimbela abesifazane ekutholeni ukuzimela” kusho yena.
UFranke uthi lokhu okutholakele kuzosiza inhlangano ekuklameni nasekuletheni izinhlelo zabesifazane. “ Yindlela manje esizihlela ngayo izinhlelo zethu zokuthuthukisa abesifazane eziya phambili. Kungaphezu nje kwezinhlelo zokuqeqesha amakhono kanye nokwelulekwa, kodwa kumayelana nokuvala lelo gebe lokufunda ngendlela yokuziphilisa kanye nokusungula izindawo zokwelulekwa ngokwezifunda kanye nezindawo zokuzalanisa. abesifazane ukuze baxhumane futhi basebenzisane futhi bakhuthazane” engeza. Bagcizelele nokuthi i-SANZAF yinhlangano engenzi nzuzo ezibophezele ekwehliseni ububha kanye nokuqinisekisa ukuthi umphakathi uyathuthuka.

