BAKHALA NGENTUTHUKO EKHETHA AMABALA

NOSIPHO DUMA

Umphakathi wase Mgungundlovu eZinketheni ukhala ngenthuthuko ekthetha iphela emasini.

Ngemumva kweminyaka lo mphakathi ulangazelele ukubona ushintsho kwingqalasizinda kanye nasekulethweni kwezidingo zomphakathi usuveze ukungenami ngendlela intuthuko efinyelela ngayo kubantu.

Uhlelo lokwakhiwa kwezundlu zangasese lulethe okukhulu ukudideka njengoba umphakathi uthi indlela olwengamelwe ngayo iyindida.

UMzwakhe Gumede ongomunye wamalunga omphakathi avalelwe ngaphandle kulolu hlelo uthi kuningi okushaya amanzi ngoba akekho umuntu ofuna ukuphumela obala ngemigudu elandelwayo ukuze ube ngomunye wabahlomulayo kulolu hlelo.

“Le ndaba yonke iyimpicabadala ngoba ngisho ne khansela alitholakali uma uya ehhovisi lalo ngenhloso yokuyothola ulwazi ngalolu hlelo nokuthi abanjani abahlomulayo ubuya ulambatha kuthiwa alikho,” kubeka uMzwakhe.

“Okubuhlungu lolu hlelo selubuya ihlandla lesithathu kodwa eyethu imizi ilokhu yeqiwa,” kusho uMthunzi Shezi naye oyilungu lalo mphakathi.

Ngokusho kuka Mthunzi uma bebuza isizathu sokweqiwa kwabo kuhlezi kubekwa izaba okwenza bacacelwe ukuthi kunesandla semfene ngoba omakhelwane babo bakhona asebehlomulile kodwa nabo abaphumeli obala ngemigudu abayilandelile.

uNtombi Cebekhulu ongomunye wabahlomulile uthi yena akukho akakwenza noma lapho ezwa kuthiwa kubhaliswa khona.

“Kwafika amantombazane amabili engingeke ngiwadalule amagama athi acela ipasi lami azongibhalisa, angibange ke ngisabuza imibuzo eminingi ngoba nami kwase kunesikhathi ngiyidinga indlu yangasese kodwa ngilokhu ngeqiwa,” kusho uNtombi.

iKZN Namuhla izamile ukuxhumana nekhansela uRachel Sobiah okuthiwe akaphathekile kahle ngakho angeke akwazi ukuphendula ngalolu daba. Sibe sesizama ukuthola abengamele lolu hlelo, ukuze basicacisele ngemigudu umphakathi okumele uyilandele ukuze uhlomule nabo abangatholakalanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *