AMAQEMBU EZEPOLITIKI AHLANGANYELE ENKUNDLENI YEZEMIDLALO i-CURRIES FOUNTEIN UKUGUBHA USUKU LWABASEBENZI EMCIMBINI OBUHLELWE yi-CONGRESS OF SOUTH AFRICAN TRADE UNIONS (COSATU)

NOSIPHO DUMA

Ukugubha usuku lwabasebenzi olugujwa minyaka yonke, inyunyana yabasebenzi iCosatu ihlanganyele namaqembu ezepolitiki enkundleni yezemidlalo iCurries Fountain eThekwini.

Nakuba kunemithetho ebhekelele ukuvikelwa kwamalungelo abasebenzi nhlangano ikubeke kwacaca ukuthi likhulu ibanga okusamele lihanjwe ukuqinisekisa ukunakekelwa kwamalungelo abasebenzi ezimbonini ezehlukahlukene.

Iphini likanobhala jikelele we-ANC uNomvula Makonyane nobengomunye wezikhulumi kulo mcimbi ubonge ukumenywa kweqembu le-ANC wabe eseveza ukuthi umzabalazo uyaqhubeka ngoba izinkinga aziphelile. Ezinkingeni azibalulile ubale ukugqilazwa kwabasebenzi kanye nokwentuleka kwamathuba omsebenzi eNingizimu Afrika nokuyilapho anxuse khona iCosatu ukuba ibe mdibimunye nokhongolose ekuqinisekiseni ukunakekeleka kwabasebenzi ikakhulukazi laba abantulayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *