I-Theku lamukele ukususwa kwebhodi lezikhangiso ebeligxeka ubuholi bukamasipala

Phakathi kwalabo ababekhonjiswe kuleli bhodi kubalwa iMeya yeTheku, iMenenja yeDolobha kanye noMqondisi Omkhulu obhekele ezamanzi nokuthuthwa kwendle.

UMasipala weTheku ukwamukele ukususwa kwebhodi elikhulu lezikhangiso elalifakwe yi-Democratic Alliance (DA), ebeliveza izithombe futhi liqukethe izinsolo ezibukela phansi ubuholi bezepolitiki kanye nezikhulu eziphezulu zikaMasipala.

Phakathi kwalabo ababekhonjiswe kuleli bhodi kubalwa iMeya yeTheku, iMenenja yeDolobha kanye noMqondisi Omkhulu obhekele ezamanzi nokuthuthwa kwendle.

Ukususwa kwaleli bhodi kulandela incwadi yesimangalo eyathunyelwa kwi-DA ngabameli bakaMasipala. Kule ncwadi, uMasipala waphikisana nokuqukethwe yileli bhodi, wathi kulimaza isithunzi nedumela labantu ababekhonjiswe kulo, wabe usufuna ukuthi lisuswe ngokushesha.

UMasipala uthe leli bhodi lalihlose ukungcolisa igama nesithunzi sabantu abaphethe umsebenzi womphakathi wokusebenzela izakhamuzi zaseThekwini ngaphandle kokwesaba noma ukuchema.

IMenenja yeDolobha, uMusa Mbhele, ithe uMasipala uyakwamukela ukususwa kwaleli bhodi.

“Ukususwa kwaleli bhodi kuyamukeleka. Labo abasebenzela leli Dolobha, kungaba ngabaholi abakhethiwe noma izikhulu eziqashiwe, kumele bavunyelwe ukwenza imisebenzi yabo begcine ubuqotho nesithunzi sabo.

“Ukuncintisana okuqinile kwezepolitiki kuyingxenye yentando yeningi yethu, kodwa akumele kwehlele ezingeni lokungcolisa amagama abantu ababophezelekile emphakathini futhi abaqondiswa ngumthetho endleleni abaphendula ngayo,” kusho uMbhele.

UMasipala uthe usazibophezele ekuqhubeni izinto ngendlela esobala nasekuphenduleni emphakathini. Uphinde wanxusa zonke izinhlangano ukuba uma zinezinkinga noma izikhalo mayelana nokulethwa kwezidingongqangi noma ukuphathwa kukaMasipala, zisebenzise imigudu efanele nesemthethweni ukuziveza.

UMTHOMBO: uPhiko lwezokuMaketha nokuXhumana kuMasipala weTheku.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *