
Izimoto ezibalelwa ku-35 ezizodluliselwa kumakhosi, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali- isithombe sithunyelwe
UMnyango wezokuBusa NgokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (KZN COGTA), oholwa nguMEC uMfundisi uThulasizwe Buthelezi,ngoMsombuluko womhlaka 30 June wethule ngokusemthethweni isigaba sohlelo lwawo lokwabiwa kwezinsiza zokusebenza kubaholi bendabuko.
Lolu hlelo luqale ngomhlaka 30 Juni eThekwini, lapho amaKhosi amele izifunda ezinhlanu ehlangane khona ukuze amukele izimoto zawo ezisemthethweni.
Lokhu kwabiwa kuyingxenye yohlelo olubanzi lukahulumeni wesifundazwe lokusatshalaliswa kwezimoto ezingu-35 kuleli sonto.
Ngemuva kokwethulwa kwalolu hlelo namuhla eThekwini, uMnyango uzoqhubekela ngokushesha kwezinye izifunda esifundazweni ukuqinisekisa ukuthi nazo zithola izimoto zazo phakathi naleli sonto.
Lolu hlelo lususelwa esithembisweni sikaHulumeni waKwaZulu-Natal esamenyezelwa ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngo-2026, sokuhlomisa ubuholi bendabuko ngezinsiza ezidingekayo ukuze bukwazi ukufeza ngempumelelo izibopho zabo ngokomthethosisekelo nangokwesintu.
Ngokubona iqhaza elibalulekile elibanjwa amaKhosi ekukhuthazeni ukuthula, ekulondolozeni amagugu esintu nasekuthuthukiseni izindawo zasemakhaya, uMnyango weKZN COGTA uyaqhubeka nokusheshisa ukwesekwa kwawo.
Ukuhlinzekwa kwalezi zimoto kuwubufakazi obubonakalayo bokuzimisela kukahulumeni ukuqinisekisa ukuthi amaKhosi anazo izindlela zokuhamba futhi ahlome ngokwanele ukuze afinyelele emiphakathini ayisebenzelayo, aphendule ngokushesha ezinseleleni ezikhona emiphakathini, futhi asebenzisane nohulumeni ekuthuthukiseni ukuhlinzekwa kwezinsiza.
UMEC uMfundisi uThulasizwe Buthelezi uphinde waqinisekisa ukuthi ubuholi bendabuko busalokhu buyingxenye ebalulekile yokuphatha nokubusa. Ngalokhu kutshalwa kwezimali okuqhubekayo, uMnyango weKZN COGTA uyaqhubeka nokuqinisa ubudlelwano bawo namaKhosi ngenhloso yokuthuthukisa ukuphatha okusabela ezidingweni zabantu kanye nokuphakamisa izinga lempilo yemiphakathi yasemakhaya kuwo wonke amagumbi aKwaZulu-Natal.

