USOLWA NGOKUSENGA EZIMITHIYO UTHWALA KWELIKA SENZO MEYIWA

ISITHOMBE: ireportssouthafrica

THAMI SHESHANE

Liyaqhubeka icala eselicasule izakhamizi eziningi eNingizimu Afrika lokudutshulwa kubulawe loyo owayengunozinti we Orlando Pirates ne Bafana Bafana uSenzo Meyiwa waseMlazi KwaZulu-Natal.

Lelicala eselidonse iminyaka eyisishiyagalombili eNkantolo ngoMsombuluko ligaye ngomunye umhlathi ngesikhathi ummeli wabamangalelwa abahlanu abasolwa ngokubulala unozinti, uSipho Ramosepele, epheka u Longwe Thwala ngemibuzo. UThwala obezwakala enengekile yimibuzo ka Ramosepele uthe emva kokuqhuma kwesibhamu wabaleka weqa uthango wangena KwaMakhelwane.

Uthi omunye wababengene ngoshova wamsukela kodwa yena waqhubeka wabaleka waze  wayongena kwamakhelwane wafica amadoda amabili nendodana. Uthi yize engasazi waxoxani nalamadoda kodwa akakhumbuli eze ezethula noma ebatshena ukuthi babanjwa inkunzi. Uthi ngesikhathi exoxa nala madoda, wezwa isililo wabona uMama ka Kelly Khumalo ekhala. Uthi waphinda wajomba wambuza ukuthi ababulali bakuphi wamphendula ngokuthi abasabonwa nangokhalo. Uthi yilapho yena angena endlini wafica uMeyiwa elele phansi.

URamosepele ube esemtshena ukuthi ubufakazi bakhe buyashayisana nesitatimende esenziwe ngumfana wakwamakhelwane esithi u Thwala wazethula wayesethi bayalinyazwa endlini. UThwala yena ubethe weqa uthango kade ezwa ukuqhuma kwesibhamu futhi wabona ukuthi uMeyiwa ulimele emva kokuthi izigebengu sezibalekile kodwa yena futhi uThwala uthi wabaleka ngemuva kokuqhuma kwesibhamu nokudala ukudideka uma esethi weqa uthango wabuza ukuthi zikuphi izigebengu, okwenza ukuqhuma kwesibhamu kumubeke ngaphandle kwendawo yesigameko.

Lelicala Liyaqhubeka namuhla, ngoLwesibili eNkantolo eNkulu e Goli.

Iphephandaba lakho lizowethulela omunye umbiko othe xaxa. 

Ungakhohlwa ukubheka izindaba ezihlabahlosile ku website yethu www.kznnamuhlanews.co.za 

Ungasilandela kulamakhasi alandelayo 

FACEBOOK: ZN NAMUHLA COMMINIY NEWSPAPER

TIKTOK: @KZNNamuhla

YouTube: KZN NAMUHLA TV