![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/08/Ramaphosa-1.jpg)
SHEILA MHLONGO
Iqembu leDemocratic Alliance (DA) lifuna kujeziswe uMengameli uCyril Ramaphosa kanye neqembu lakhe le-African National Congress (ANC) ngenxa yenkulumo uRamaphosa ayenza ngaphambi kosuku lokhetho luka 2024.
I-DA yafaka amaphepha eNkantolo yokhetho ngenyanga kaMeyi ngaphambi kokuthi ingene esivumelwaneni sokusebenzisana kuhulumeni kodwa ibonakale iqhubeka necala ngeviki eledlule.
Kulelicala iqembu leDA linxuse inkantolo ukuthi incozule iphesenti elilodwa (1%) emavotini eqembu le-ANC, bese ihlawulisa uRamaphosa njengomholi weANC isamba semali engu $10,900 wamadola aseMelika , bese futhi ihlawulise iqembu leANC isamba semali engu $5,450 wamadola, ngesenzo sikaRamaphosa sokusebenzisa inkulumo kaMengameli eyasetshenziswa ukukhankasela iqembu le-ANC, okuyinto eliyithatha njengokuxhaphaza isikhundla sehhovisi likaMengameli.
Liziphendulela iqembu le-ANC lithe lesinyathelo se-DA sifana nento engenaso isidingo, ngoba uMengameli wabe elandela umthethosisekelo ngesikhathi ethula inkulumo yakhe.
Izihlangula i-ANC ithe, uRamaphosa wethula inkulumo yakhe sekusele izinsuku ezintathu kuphela kube ukhetho ekwenza lokhu njengoMengameli wezwe, kodwa futhi esebenzisa ingxenye yenkulumo ukugqamisa impumelelo yalokho okwenziwe i-ANC eminyakeni engu-30 ibusa iNingizimu Afrika. Kodwa ke i-DA yona ithi umthetho awumvumeli uMengameli ukuthi agaxe ipolitiki yeqembu, kanye nokukhankasela i-ANC uma ekhuluma njengoMengameli.
Nokho iqembu le-ANC lagcina ngokulahlekelwa amavoti amaningi ngesikhathi sokhetho njengoba yagcina ithola u-40% wabavoti kuphela ilandelwa iyona i-DA ngo-21% wabavoti, nokuyikho okwenze izithole isingena kuhulumeni wobumbano (GNU). Yona i-DA ingelinye lamaqembu elimeleleke kwiKhabhinethi kaRamaphosa.