I-KZN ihlomule imiklomelo emine kumncintiswano kazwelonke wamakhono obubuchwepheshe ka-2026

Abafundi nothisha baKwaZulu-Natal benze kahle kakhulu emncintiswaneni iNational Skills Competition, bekhombisa ukuthi isifundazwe sinamakhono aphambili kwezobuchwepheshe nemisebenzi yezandla.

.SHEILA MHLONGO | KZN NAMUHLA

Isifundazwe saKwaZulu-Natal sizibeke ezingeni eliphezulu emncintiswaneni kazwelonke wamakhono obuchwepheshe i-2026 National Skills Competition, lapho abafundi nothisha bakulesi sifundazwe behlomule khona ngezindondo ezine zezindawo zokuqala, baphinde bathola izindawo eziyisikhombisa phakathi kwabathathu abahamba phambili emikhakheni eyahlukene.

Lokhu kunqoba kukhombise ikhono elikhulu labafundi nothisha baKwaZulu-Natal emikhakheni yokudweba nokuklama kusetshenziswa amakhompyutha, izinhlelo zobuchwepheshe bedijithali, ezobunjiniyela, ezogesi kanye nezamapayipi amanzi.

Abaphume phambili bathole imiklomelo emikhakheni yeComputer Assisted Design (CAD), okuwukuklama nokudweba imidwebo yobuchwepheshe kusetshenziswa amakhompyutha, kanye neDigital Systems, okuwumkhakha ophathelene nezinhlelo zobuchwepheshe bedijithali.

UMark Altson waseHillcrest High School uhlomule ngendawo yokuqala emkhakheni weCAD wabafundi, kwathi uPuvan Moodley waseWestville Boys High School wanqoba emkhakheni ofanayo kodwa esigabeni sothisha.

Abanye abenze kahle nguBrayden Chetty noRishendran Moodley baseGeorge Campbell School of Technology, abathathe izindawo zokuqala emkhakheni weDigital Systems, uChetty esigabeni sabafundi kwathi uMoodley esigabeni sothisha.

Isikole iGeorge Campbell School of Technology sibe ngomunye wabagqame kakhulu kulo mncintiswano, njengoba sithole izindawo ezimbili zokuqala emkhakheni owodwa.

Othisha baKwaZulu-Natal nabo bakhombise ukuba nesandla esikhulu ekuthuthukiseni amakhono obuchwepheshe, njengoba izindawo ezinhlanu kweziyisikhombisa ezitholwe yisifundazwe phakathi kwabathathu abahamba phambili zithathwe othisha.

UMelissa Govender waseScottburgh High School uthole indawo yesibili emkhakheni weEngineering Graphic Design, ophathelene nokudweba imidwebo yobunjiniyela.

UThokozani Radebe waseM.L. Sultan Secondary School eMgungundlovu uthole indawo yesibili emkhakheni weElectronics, kanti u-Anil Jayraj waseGlenhaven Secondary School uthole indawo yesithathu emkhakheni wePlumbing, okuwumsebenzi wokufaka nokulungisa amapayipi amanzi.

UMNCINTISWANO OKHUTHAZA AMAKHONO NOKUVULA AMATHUBA OMSEBENZI

Lo mncintiswano kazwelonke uhlose ukugqamisa ukubaluleka kwamakhono obuchwepheshe nemisebenzi yezandla, kanye nokuvulela intsha amathuba okuqhubeka nezifundo, ukuthola ukuqeqeshwa nokungena emkhakheni wezokuqashwa.

Umcimbi wokuklomelisa abenze kahle, obizwa nge-2026 National Skills Final Competition Awards Ceremony, ubuhlelwe yiSasol Foundation ngokubambisana neKagiso Trust kanye noMnyango Wezemfundo Eyisisekelo.

Lo mcimbi ubuhlanganise abamele uhulumeni, izikhungo zemfundo, izimboni kanye nezinye izinhlaka ezibambe iqhaza ekuthuthukiseni amakhono entsha yaseNingizimu Afrika.

Emncintiswaneni wamanqamu kuhlangane abafundi abangu-151 nothisha abangu-77 abavela ezifundazweni eziyisishiyagalolunye zakuleli.

Lokhu kulandela imincintiswano yokuhlungela lapho bekubambe iqhaza khona abafundi abangaphezu kuka-17 000 ezweni lonke.

Abafundi bakaGrade 10 noGrade 11 bancintisane izinsuku ezimbili emikhakheni engu-11 yamakhono ahambisana nezidingo zezimboni nezindawo zokusebenza.

Kule mikhakha abafundi bebehlolwa ngolwazi lwabo lobuchwepheshe, ukunemba emsebenzini, ubuciko, ikhono lokuxazulula izinkinga kanye nokusebenzisa ulwazi abalufundile ukwenza umsebenzi ngezandla.

UNGQONGQOSHE UGQAMISA UKUBALULEKA KWEMISEBENZI YEZANDLA

UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo, uSiviwe Gwarube, ugcizelele ukuthi imisebenzi yezandla neyobuchwepheshe kufanele ihlonishwe ngendlela efanayo neminye imisebenzi edinga iziqu zemfundo ephakeme.

Uthe akufanele kube khona ukwehlukaniswa kwemisebenzi ngokuthi eminye inesithunzi esikhulu kuneminye.

“Izwe liyabadinga odokotela nonjiniyela, kodwa liyabadinga futhi ochwepheshe bemisebenzi yezandla, abasebenza ngogesi, abashisela izinsimbi, abalungisa imishini nezimoto, abasebenza ngamapayipi amanzi, abakhi kanye nabanye abanamakhono akhethekile,” kusho uGwarube.

Ugcizelele ukuthi le misebenzi akufanele ithathwe njengemisebenzi esezingeni eliphansi, ngoba ibalulekile ekukhuliseni umnotho nasekuthuthukiseni izwe.

Lokhu kuqwashisa kuza ngesikhathi iNingizimu Afrika iqhubeka nemizamo yokwakha isizukulwane esinamakhono adingekayo ezimbonini, kwezobuchwepheshe, ekwakheni ingqalasizinda nasekuthuthukiseni umnotho.

Kubalulekile ukuthi abafundi baqale besesesikoleni ukuthola ulwazi ngamathuba atholakala emikhakheni yezobuchwepheshe, ukuze bakwazi ukuqhubeka nokuqeqeshwa, ukufundela umsebenzi, ukuzisungulela amabhizinisi noma ukuthola imisebenzi.

OTHISHA BABALULEKILE EKUTHUTHUKISENI AMAKHONO ENTSHA

Isikhulu esiphezulu seKagiso Trust, uDkt Mankodi Moitse, sithe othisha nabaqeqeshi badlala indima enkulu ekwakheni ikusasa labafundi.

“Amakhono adluliselwa kubantu ngabanye. Ulwazi, ukubekezela nokuzinikela kothisha, abaqeqeshi kanye nabeluleki kusiza ekudaleni amathuba kwabanye,” kusho uMoitse.

UThabile Makgala, oyisikhulu esiphezulu kwaSasol esibhekele abasebenzi, ukuphepha, izingozi kanye nezindaba zenkampani, uthe imiklomelo ayigcini nje ngokubungaza ikhono lobuchwepheshe.

Uthe iphinde ihloniphe ukuzethemba okutholwa ngumuntu lapho esekwazi ukwenza umsebenzi othile, isibindi sokuncintisana kanye nokuzimisela kwentsha yaseNingizimu Afrika.

“Sibungaza intsha ekhombisa ukuthi ukwenza kahle akugcini ezifundweni zasekilasini kuphela, kodwa kuyabonakala nasemisebenzini eyenziwa ngezandla.

“Intsha esiyibone incintisana kowamanqamu ingaba ngochwepheshe bemisebenzi yezandla, onjiniyela kanye nosomabhizinisi bakusasa. Umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi amathuba okuqhubekela phambili ayatholakala lapho sebephuma esikoleni,” kusho uMakgala.

ABANQOBI BAHLOMULE NGEZIPHO NAMATHUBA OKUQEQESHWA

Abanqobe emikhakheni eyahlukene bathole amavawusha emali, amathuluzi okusebenza kanye namathuba okufunda izifundo ezitholakala ku-inthanethi.

Omunye wabaphumelele ezingeni likazwelonke, uSimthandile Mkwanazi, onqobe emkhakheni wezokwakha iConstruction, uhlomule ngethuba lokuqeqeshelwa umsebenzi elibiza u-R250 000, elixhaswe yiResolution Circle.

Leli thuba kulindeleke ukuthi limsize athuthukise amakhono akhe futhi athole ulwazi olusebenzayo emkhakheni wezokwakha.

UHLELO OLWAQALA NGO-2018

Umncintiswano iNational Skills Competition wasungulwa ngo-2018 ngokubambisana kweSasol Foundation noMnyango Wezemfundo waseFree State.

Ngo-2024 lo mncintiswano wanwetshwa waba ngowezwe lonke, ukuze abafundi nothisha abavela kuzo zonke izifundazwe bakwazi ukubamba iqhaza.

Lolu hlelo luhambisana nohlelo lwezemfundo lwaseNingizimu Afrika olubizwa ngeThree-Stream Model, olukhuthaza izindlela ezintathu zokufunda, okuyizifundo ezijwayelekile, ezobuchwepheshe kanye nezamakhono emisebenzi.

Luphinde lusekele imigomo yoHlelo Lukazwelonke Lokuthuthukisa iNational Development Plan 2030, oluhlose ukuthi iNingizimu Afrika ikhiqize ochwepheshe bemisebenzi yezandla abangu-30 000 ngonyaka.

NABA ABENZE KAHLE KWAZULU-NATAL

IgamaIsikoleUmkhakhaIndawo
Mark AltsonHillcrest High SchoolCAD – Abafundi1
Puvan MoodleyWestville Boys HighCAD – Othisha1
Brayden ChettyGeorge Campbell School of TechnologyDigital Systems – Abafundi1
Rishendran MoodleyGeorge Campbell School of TechnologyDigital Systems – Othisha1
Melissa GovenderScottburgh HighEngineering Graphic Design – Othisha2
Thokozani RadebeM.L. Sultan SecondaryElectronics – Othisha2
Anil JayrajGlenhaven Secondary SchoolPlumbing – Othisha3

UKUNQOBA KWEKZN KUNIKA INTSHA ITHEMBA

Impumelelo yabafundi nothisha baKwaZulu-Natal ikhombisa ukuthi izikole zingaba nesandla esikhulu ekwakheni intsha enamakhono adingekayo emhlabeni wanamuhla.

Lo mncintiswano uphinde uthumele umyalezo obalulekile kubafundi, abazali nothisha wokuthi akuwona wonke amathuba empumelelo atholakala ngokufunda izifundo zasenyuvesi kuphela.

Imisebenzi yezandla, ezobuchwepheshe kanye namakhono okuzisungulela amabhizinisi nakho kungavulela intsha ikusasa eliqhakazile.

Umbuzo kubafundi beKZN Namuhla: Ingabe ucabanga ukuthi izikole kufanele zigxile kakhulu ekufundiseni intsha amakhono obuchwepheshe nemisebenzi yezandla ukuze kuncishiswe ukuntuleka kwemisebenzi?

Umthombo: National Skills Competition – Umbiko olungiselelwe yiCathy Findley PR.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *