
Owami Thabethe
Imiphakathi eyakhele iTheku namaphethelo ibhekene nenkinga enkulu ngenxa yokungabibikho kwamanzi nokungathunyelwa kwamaloli awathwalayo. Izindawo ezithintekayo kakhulu ezisentshonalanga eMarianhill, nenyakatho yeTheku kwaMashu naseningizimu yeTheku.
Abantu bakhala ngokuthi uMasipala weTheku awuzikhiphi izaziso zokuthi azophela nezizathu zokuphela kwawo, bavele babone ngawo engasaphumi kompompi babo
Ngokusho kwezakhamizi, izinkinga zabo zamanzi zisukela ngonyaka ka-2022. Abaneme ngokuhluleka kukamasipala ukuletha amanzi ahlanzekile emiphakathini yabo. Ilungu lomphakathi litshele abezindaba ukuthi, “Iminyaka emibili ngaphandle kwamanzi empompini. Okubuhlungu wukuthi ngolunye usuku ngesikhathi iMeya yeTheku ilapha isivakashele, besinamanzi kompompi bethu kodwa kwathi uma iMeya isihambile, inkinga yaqala futhi”, kuqhuba isakhamuzi.
UMasipala uthe,“Amanzi azohlinzekwa ezindaweni ezisentshonalanga yeTheku KwaSanti, Luganda, Klaarwater, Intake, Savannah Park, Nagina naseDemat,” kusho okhulumela iMeya. UMasipala uthe kulindeleke ukuthi amanzi aqale ukuphuma kompompi ngenyanga ezayo njengoba idolobha lisakha umthamo kula madamu abhekelela izindawo ezithintekile.
UNksz Bayo Smamane waku-ward-56, eNewtown A, eNanda, uthe sebehlale isikhathi eside bengenawo amanzi.
“Emuva kwezikhukhula zika-2022, amanzi awaphindanga aphuma kompompi. Izindlu zangasese asikwazi ukuzisebenzisa, asikwazi ukupheka, ukuwasha nokuphuza amanzi ahlanzekile. Sisizwa ukujaha amaloli ngoba amanzi afika uma ethanda,” kusho uNksz Smamane.
Uqhube wathi sekuphele iminyaka emibili bengenawo amanzi futhi bathembele emathangeni amanzi kamasipala. “Amathangi kwesinye isikhathi afika ngabo-11 ebusuku. Ukuze sithole amanzi kufanele sigijime, futhi abantu abaningi asebekhulile abakwazi. Sesikhathele ukuthembela emathangini amanzi”.
esitatimendeni seMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, uthembise abantu baseThekwini ukuthi uyalusukumela udaba lwamanzi futhi isixazululo sizotholakala maduze.
IMeya seyehlukanise phakathi ikomiti elokuHlaliswa kwaBantu, manje sekuzokuba nekomiti elibhekele ezithinta Amanzi, uGesi nokuQoqwa kukaDoti, bese kuba khona elibhekele ukuHlaliswa kwaBantu, ezokuThutha nezobuNjiniyela, ukuze bakwazi ukusebenza kalula emiphakathini.

