IThala neSourcefin bazoxhasa amabhizinisi asafufuza ngo- 150 million KwaZulu-Natali

OWAMI THABETHE

IThala Development Finance Corporation (IDFC) kanye neSourcefin  kulindeleke ukuthi batshale u-R150 million emnothweni waKwaZulu-Natal ngokuxhasa amabhizinisi adinga izimali zokwenza imisebenzi yazo lokhu abakwenza ngohlelo lwe-order financing kanye ne invoice discounting.

Isikhulu esiphezulu se-IDFC Group, uPearl Bhengu, uthe lokhu kuyigxathu elikhulu ekwesekeni osonkontileka ukuthi bafeze imisebenzi yabo  njengoba bebungaza ukuqala kobudlelwano obuzothuthukisa ukukhula kwamabhizinisi amancane, aphakathi nendawo kanye namancane (SMMEs) KwaZulu-Natal.

UBhengu uthe ama-SMME asebenza kulezi zindawo angumgogodla womnotho wakuleli futhi afanele kakhulu ukuthola uxhaso lwezimali ukuze lubasize baqale bakhulise amabhizinisi asimame.

“EThala inhloso yethu wukugqugquzela ukuthuthukiswa komnotho siphinde sidale amathuba kubo bonke abantu ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya nasemalokishini. Sikholelwa ukuthi ozakwethu abafana noSourcefin bayayithuthukisa imizamo yethu yokuletha izixazululo ezintsha ukuze ama-SMME agxile ekudaleni amathuba emisebenzi nokuba negalelo ekuthuthukeni komnotho waKwaZulu-Natal,” kusho uNksz Bhengu.

Uqhube wathi bafuna osomabhizinisi bakhule bangahlali bengosomabhizinisi abancane. Ukusebenzisana kwabo neSourceFin kuzosisiza ukwenza lokho. “Okuhle wukuthi sizobe sicathula nabo, ngeke sibanike imali noma izinsiza kusebenza kuphela kodwa bazofundiswa nangokuphatha kahle imali, ukuhlela umsebenzi nangemithetho ethile ethinta osomabhizinisi,” kulula uNksz Bengu.

Enye yamandla amakhulu e-IDFC eThala inethiwekhi yayo ebanzi kanye nezinsiza enazo. Umgomo we-IDFC ukwakha i-ecosystem esekelayo lapho amabhizinisi engachuma khona.

UBhengu uthe ubheke ngabomvu ubudlelwano obuzothuthukisa umnotho futhi busekele ukukhula kwama-SMMEs esifundazweni sase-KZN.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *